Incazelo ngoFoshela ( (IKhambi lakwaNgcobo, Felicia erigeroides)

UFOSHELA:

Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UVezi kofa abantu kosala izibongo izona ezosala zibadabula , izona ezosala zibalilela amanxiweni! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uFoshela igama layo , ibuye yaziwe ngeKhambi lakwaNgcobo. YiNduku yoBulomo lena , ithandeka kakhulu insizwa edla le Nduku. Lena yiNduku eyande lena koThekwini nakoStanger .

Kule Nduku kuye kusebenze sonke isithombo.INkunzimalanga lena kwezokwakha  uBulomo. Ifana noBuvimbo.*Le Nduku ikhonzwe kakhulu ngamaSoka, iyangena kwezokugquma , iyangena kwezokuphalaza ,iyangena kwiZikhafulo,  iyangena futhi kwezokugeza.  Insizwa edla le Nduku  ithandeka nina beSilo ,  izintombi ziyethwala  ngeQoma. Kanti nabo abesifazane  bayayisebenzisa,  bayisebenzisela  ukuthandwa ngamaSoka noma ngabaYeni babo. Engxenyeni yokuphalaza  le Nduku iye igiye kakhulu noLozilina , uBhubhubhu,uBuvimbo,  uVelabahleke , uMusa , iNhlanhlemhlophe , uVumakubangoma omhlophe kanye nezinye iziNduku ..Kwezokugquma nezokuqguma  iye igiye kakhulu neziNduku ezifana noBhubhubhu , uBuvimbo iShaladilezinyoka kanye nezinye  . Le Nduku amaSoka awayishiyi nangephutha eNdukwini yawo yoBulumo.

Khumu!!


Niphile nina beZulu eliphezulu . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV “

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo