Incazelo ngoNdabingehlele

UNDABINGEHLELE:

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ! IMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise#ISilo uCetshwayo leso , iSilo sakithi oNdini.  Nina beMbube le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa uNdabingehlele igama layo, ngokoLimi loSosayensi ibizwa ngeBasella paniculata . YiNduku yezinsizwa lena .

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo kule Nduku kuye kusebenzi zona iziNduku lezi ezisethombeni .Njengoba le Nduku ibizwa  ngoNdabingehlele nje, leyo ndaba eshiwoyo yindaba yaseKamelweni , indaba yokungaqini koBhoko lweSisu . Le Nduku nina beSilo ingenye yeziNduku ezihamba phambili kwezokulola iMbazo yoMnumzana . Imbiza yensizwa isuke ingaphelele uma ingekho le Nduku . Le Nduku nina beSilo isebenza njengoQonsi , uDlutshana kanye noMdubu. Lezi ziNduku engizibalile nina beSilo ziyakwazi ukugiya zizodwa vo, zingalekelwa Nduku. Kanti futhi zonke lezi Nduku engizibalile ziba mandla kakhulu uma uzidle ngoBisi , noma ngoMhluzi weNyama enganonile,(kodwa luhle kakhulu uBisi). Nayo le Nduku uNdabingehlele, isebenza kahle kakhulu uma uyidle ngoBisi njengamaKhomflesi ekuseni , noma ngoMhluzi weNyama enganonile khona ekuseni . **Lena akuyona iNduku yokudlala . NjengoQonsi , nayo yandisa iSidoda ensizweni,iqinise noBhoko lweSisu luqinise okokhuni. Le Nduku nina beSilo ayisali eMbizeni yenzalo yoBaba. nakwezoMvusankunzi , iie igiye kakhulu nalo uQonsi , uShisizwe ,aMasethole, uMdubu, uMthunduluka kanye nezinye . Iyangena futhi nakwezokuchathela ukucija uBhoko lweSisu. Nina beSilo kusebenza kakhulu izinduku  kule Nduku ,zona lezi enizibona esithombeni. Zisebenza kahle uma uzigaye noma uzigqule zaba yiMpuphu oyoyidla ngoBisi, noma ngoMhluzi. UNdabingehlele awugcini ezimbizeni kuphela , muhle kakhulu nasekuphakamiseni iSithunywa, ungena eziNkambeni ezimhlophe zoThwasa . Nakhona kuleyo  ndawo kusasebenza zona izinduku. IziNduku zikaNdabingehlele ziyathakwa eGobongweni elidliwa uma kukhushulwa iSithunywa, zigiya kakhulu noVumakubangoma omhlophe, uHlunguhlungu lweNtaba , uMoyawezwe , uVelangemoyeni ,iPhakama lesihlahla esimile eduze nomfula kanye nezinye . AmaPhakama yilezi zihlahlana ezincane ezimila ezihlahleni ezinkulu.


Khumu!!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngeziNduku.

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo