Incazelo ngoMvalasangweni   (Gardenia thunbergia )

UMvalasangweni

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , uDunjwa yedwa limkhandanisile!! UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ,ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe!!#ISilo uShaka leso , iSilo sakithi kwaDukuza. Enhla nasezansi ngiyakhuleka kwabeSilo , ngethemba basaphila. Sisaphila thina kwaSokhumalo. *Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMvalasangweni igama layo .

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo kule kusebenze  kusebenze izimpande , igxolo iziNduku kanye neMbevu . Izimpande zale Nduku noma igxolo  kuhle ekukhipheni izindenda kanye nenyongo  , kuye  kuthakwe neminye imithi yokukhipha inyongo nezindenda , imithi  efana noMfasamvu , uVumakubangoma omhlophe kanye neminye kukhandwe iNduku yokuphalazela ukukhipha izindenda kanye nenyongo . *IMpande yale Nduku ibuye ithakwe kwezokuvala . Iyangena kwezokuvala isilwane uma ususikhiphile , usivale kuba singaphinde sibuye . Kuleyo ndawo iye igiye neziNduku ezifana neNsindabathakathi , uNdwendweni kanye neminye imithi . Kukhandwe iNduku yikugquma , eyokugeza kanye nokuphalazela ukuvala isilwane. ***Impande yale Nduku yinhle nakwezokuvala icala , iye igiye nemithi efana noNtuma , oMayime, oCalakalithethwa kanye neminye….Impande yale Nduku ibuye ingene nakwezokugomela isibhamu.Kuleyo ndawo iye ithakwe nesilwane iNkakha kanye nezinye iziNduku. Impande yale Nduku yinhle nakwezamaLumbo ikakhulukazi iLumbo locansi . Impande yoMvalasangweni iyangena eziMbizeni zokucija uBhoko lweSisu , yinhle futhi nakwezoMzimba omubi.  Impande yoMvalasangweni iyangena naseNdukwini echela ikhaya , ukuxosha nokuvala imimoya emibi. Enye into ebuye isebenze kule Nduku yiMbewu yesithelo .Iyangena kwezokuziqinisa , yenza ukuthi uma abantu bekuphehla oKhambeni ungaphehleki, noma uma bekuphephethe ungaphephetheki. Impande yoMvalasangweni iyangena kwezokucupha uMfazi ukuba angaphingi, ibulala imizwa yeShende .IziNduku zoMvalasangweni kuvalwa ngazo zigubhu zeZangoma..


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo