Umlando ngoMuzi waseKuphakameni

EKuphakameni

Umuzi waseKuphakameni uyisisekelo sobuNazaretha wawakha uShembe emva kokuhlupheka okukhulu elala endle engenayo indawo lapho owayengaphumula khona nokubeka umthwalo phansi . UJehova wamnika wona ngaphambi kokuya kwakhe eNtabeni yaseNhlangakazi . Yabe ingakaziwa noma ikhona yini.
Kwakungumsebenzi omkhulu kaNkulunkulu awenza kuShembe emva kokuhlupheka okukhulu owabe enakho ,eboshwa ngabeFundisi bamabandla bethi uphazamisa umsebenzi wabo emasontweni abawaphetheyo ,uthatha abantu babo.
Kwathi ngolunye usuku kwahlabeka umfana wakwaGwacela eMzinyathi ebona ukulala ezintabeni kuka Shembe engena ezinkantolo evuka emahlathini engekho namanzi okugeza ingekho nendawo yokubeka phansi umthwalo ulokhu usemahkombe akhe engazi uzowubeka kwabani,into ebuhlungu kakhulu leyo okungafanele siyikhohlwe noma sisekujabuleni okungakanani kuphenjwa lobu buNazaretha ,namhlanje esidonsisana ngabo ukufhi sengathi kungaba ngobami nomunye naye asho kanjalo,sifisa into esingayazi ukuthi yavela kanjani.
Kwathi ngolunye usuku bekhathele kakhulu kade behamba beshumayela bengenandawo yokulala,wakhuluma lomfana wathi,Hawu Baba sengidabukile kakhuluvuma ngibona lokuhlupheka kwakho okungaka. Nginendawana engiyithengayo ezansi kwaso Ohlange esikoleni,incane nje kodwa bengingakayiqedi kubelungu ,kodwa uma ngibona lesisimo uBaba akuso ,ngiyanikela nangayo kuNkulunkulu. Wayisho imali yayo eyayisasele. Wabonga umuntu kaNkulunkulu walitshela ibandla nalo labonga layikhipha imali leyo ukuqedela leyondawo,iyonake lena eyakhe umuzi waseKuphakameni,emva kwalokho yabakhonake indawo yokuba kubekwe phansi imithwalo.Uma seyitholakele wahamba umuntu kaNkulunkulu eyoyibona wafika wahlala kuyo eMqokolweni laze lashoba ilanga,kwaze kwahlabeka amaNdiya ayakhile ngaphesheya komgwaqo ngakwaBhekuzuly,amlanda ukuba abuye angene endlini alale. Wavuka ekuseni bgakusasa wathi amantombazane aweluke isibopho eside(intambo). Wathatha igeja wehla waya ezansi nendawo leyo. Wafika washaya kabili ngegeha ngalapha nangalapga wathi lapha kusesangweni elikhulu lokungena izizwe zonke ezivela emagumbini omane omhlaba wathi indoda iyovula lelisango ngo pondo £1(R2) inkosikazi ngeshumi R1 intombazane isihlanu 50c.
Wathi lapha kuyongena amakhosi omhlaba aze nobukhosi bawo kulomuzi nezinduna. Wasuka lapho wakhuphuka wafika wabiza intambo athe ayelukwe amantombazana ,waqala ukudabula izindlu ngayo,kwalwake ukwakhiwa izindlu. Indlu yokuqala kwathiwa kukwaFotini,eyakhiwa uMdladla. Indlu kaShembe yakhiwa amantombazana ngomhlanga nesiqunga. Ngenxa yokuhlupheka akangenanga kuyo uShembe eyakhe indlu wangenisa uMnqayi. Omama bona bangena exhibeni elincane kanye nezingane. Kwakuthi uma sebelala bakhiphe izitsha bazibeke phandle besebelalake,ngalesosikhathi ukuhlupheka kwakukukhulu nokudla kungekho impela.
Nokho kwaqhubeka ukwakhiwa kwezindlu ezazakhiwa nguHilemon Mdladla noRoy Mseleku, kwakhiwa indlu igama layo uZonke,enye kwathiwa iPhoyizeni enye kwathiwa uMasethembe enye kwathiwa kuseNgiyeza kulandela iFomishane emva kwayo kwakhiwa iNsukangihlale yakhiwa ngu Phomosane Ngcobo,izitsha zikaNkulunkulu zona zazingakabikho futhi zingenayo indlu..
**Lomlando wacuphunwe unjengoba unjalo encwadini kaBaba uMP Mpanza ethi uSHEMBE NOBUNAZARETHA.
**Thola ulwazi ngamaKhambi eSintu kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV’

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo