Incazelo ngoMhlonishwa  (Psoralea pinnata )

UMHLONISHWA:

Nina aboVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili ! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana!# ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdlokombane ..Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.

UMhlonishwa

Nina beSilo le Nduku eniyibona kuthiwa uMhlonishwa igama layo . Ize le Nduku ingena kakhulu kwezokuhlonishwa kodwa ikhonzwe kakhulu ngamaSoka . Kuye kusebenze impande noma igxolo kule Nduku. Le Nduku ithandwa kakhulu  ngamaSoka , ayayithaka eNdukwini yawo yoBusoka. AmaSoka aye ayiqhathe neziNduku ezifana noFoshela , uMusa , uQhume , uBuvimbo, uNhlanhlemhlophe kanye nezinye iziNduku kukhandqwe iNduku yokuphalazela ukuthandeka . UMhlonishwa uyangena nakwezokugqumela ukwakha uGazi. *UMhlonishwa uyangena nakwezokunishwa , wakha esihle isithunzi uma uwuthake neziNduku ezifana noMnyamathi (uMathunzentaba) kanye nezinye. UMhlonishwa muhle nakwezamacala . UMhlonishwa uye uhsiswe uma kuduma izulu ukuze lingagadli ekhaya. UMhlonishwa yiNduku ethakwa kwezokuphalaza , kwezokugeza kanye nakwezokugquma .


Khumu!!

Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”……………….

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo