Incazelo ngoMtholo   (Acacia caffra)

UMTHOLO:

Nina abeZulu eduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo , UHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixaxelegu!! #ISilo uCetshwayo leso iSilo sakithi oNdini……………. Enhla nasezansi ngiyababingelela bingelela abeZulu eliphezulu , ngethemba basaphila bonke abeSilo,sisaphila thina eMantungweni. Lo muthi eniwubona esithombeni nina beSilo kuthiwa uMtholo ngesiZulu,  ubuye ubizwe ngoMthole , noma ngoMafun’azayithole, noma ngoMazul’azayithole. Lona wumuthi omkhulu wamaSoka .

UMtholo :

UMtholo  okhula ube mude impela uze wedlule nendlu. Ungeminye yemithi ukungafanele itshalwe ekhaya ngoba uqonsa uMphezulu .Uma ukhona uMtholo eduze nekhaya kuye kudingeke ukuba  ugawulwe impela  kukhishwe nezimpande ngoba awufuneki . Umphezulu uwuthanda kakhulu uMtholo. Uhlezi ugadlile. Kusuke kushiwo wona lo muthi ezihashweni zeSilo uCetshwayo uma kuthiwa “UZulu ladum’obala lapho kungeMunga kungeMtholo “. UMunga noma iSinga nawo ungesinye sezihlahla ezithandwa wuMphezulu. Lezo zihasho zeSilo uCetshwayo zichaza ubungozi baso iSilo sasoNdini, zichaza ukuthi iSilo sasivele sihlasele nje kungonakele,kungalindelekile okweZulu eligadla lapho kungeMunga kungeMtholo.


Kwezokwelapha:

Nina beSilo  kuleNduku kuye kusetshenziswe yonke into , igxolo, izingxabu  kanye namakhasi…..UMtholo yiNduku enhle  yamaSoka engena eZihlanzini zamaSoka ezibomvu. UMtholo  uwumuthi wokwakha uGazi nenhlanhla  .  Igxolo lo Mtholo liyangena eNdukwini ebomvu yamaSoka ephalazela okwakha uGazi neNhlanhla.. UMtholo ubuye ungene  kwezokugquma kanye nakwezokugeza .Ugezela ubuye ugqumele  khona ukuthandeka kanye nenhlanhla. **Igxolo lo Mtholo liyangena naseZikhafulweni zamaSoka zokukhafula intombi.. Izinsizwa ezeshelayo ziwukhonze kakhulu uMtholo, ziwuteketisa ngokuthi uMafunazayithole.Insizwa ephalaze ngoMtholo akwenzeki ibuye ilambatha,akwenzeki iphume iNqina kaMabuyaze. ***Igxolo lo Mtholo liyangena nasemaGobongweni eDlozi, liyangena nasemiBhemisweni yokubhula .Liye lithakwe neziNduku ezifana noNgibonisele , uMkhondweni , uMoyawezwe kanye nezinye iziNduku……Izimpande zoMtholo  ziwumuthi omuhle wokukhipha isilwane ezinyweni elibuhlungu.Amakhasi oMtholo aye aphekwe nobisi achathe ingane ekhathazwa yiNyoni. Ake ngime lapho nina bakaMashikizela ashiye impi yakhe , iHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu.

#Khumu!

Bayoze bethi Bhuti

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngekhambi

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo