Incazelo ngoDekane    ( Donca, Sesamum trilobum)

UDEKWANE:

Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMashikizela ashiye impi yakhe yakhe! UVemvane luka Phunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyalithinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini lunjengoVumakubangoma! #ISilo uDingane leso .ISilo sakithi  eMgungundlovu . Enhla nasezansi ngethemba nisaphila nina beSilo. **Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa  uDekane igama layo.Kwezinye izindawo yaziwa ngelikaDonca.Lena kwelakwaNgwane ibizwa ngoLudvonca.. NgesiLungu ibizwa ngeSesamum trilobum..

Wenzani uDekwane?

Izimpande zale Nduku zinhle kakhulu ekuphalazeleni ukuqeda izithunzi, uma ulandela izithunzi. Kuleyo ndawo ziye zigiye neziNduku ezifana ngoVumakubangoma obomvu , iNtolwane ,uMaphipha kanye nezinye. Ziyangena nakwezokuqinisa uBhoko lweSisu . Zingena ezimbizeni eziphuzwayo kanye nezichathayo . Amakhasi kanye nezimpande zale Nduku kuyangena kwezochatha ingane ekhathazwa yiNyoni. Izimpande zale Nduku ziye zishiswe zibe insizi emnyama egcotshwa ekhanda le ngane uma linezilonda. Impande yale Nduku yinhle ekuchetheleni ukuhlanza isisu ,ikhuculula inyongo iyikhiphe ngezansi. Impande yale Nduku iye ibiliswe kwenziwe imbiza ephuziswa amankonyane ahlushwa izikelemu.  Impande yale Nduku yinhle nakwezokwakha isithunzi.

Khumu!!


Niphile nina beZulu eliphezulu . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo