Umlando ngoMahlangeni Khumalo,iMbongi yeSilo uCetshwayo. 

UJikelele Khumalo, umculi ka Maskandi 

Ngokusho kukaSolwazi Maphalala uYise ka Mahlangeni kwakunguMagawozi ka Zikode .UMagazo wayebuye abe nguyise weNkosi uBheje , kanti uZikode yena wayebuye abe nguyise wenkosi uMashobana.

UMahlangeni wayeyiMbongi yeSilo sasoNdini iSilo uCetshwayo kaMpande  . Wayebuthelwe ebuthweni laMawombe nokuyibutho elabuthwa yiSilo sakwaNodwengu iSilo uMpande kaSenzangakhona ngowe 1841. Ibutho laMawombe lalibuye laziwe ngokuthi yiNdaba kaWombe. Leli butho lalande izinsizwa ezazizalwe ngowe 1821 nokuchaza ukuthi iMbongi uMahlangeni Khumalo nayo yayizalwe ngawo lowo nyaka.

IMbongi uMahlangeni yalwa ngasohlangothini loMntwana uMpande eMaqongqo okuyilapho kwakulwa iSilo uDingane noMntwana uMpande . UMntwana uMpande owadla umhlanganiso kulempi . Empini yaseNdondakusuka uMahlangeni walwa ngasohlangothi loMntwana uCetshwayo . Impi yaseNdondakusuka ibuye yaziwe ngokuthi iyimpi yaBantwana ngoba kwakulwa aBantwana oMbuyazwe noCetshwayo bakaMpande . UMntwana uCetshwayo owadla umhlanganiso kweyaseNdodakusuka.


UMahlangeni ukubongela amakhosi wayekufunde ezimbongini ezindala ezifana noMagolwana  Jiyane , oManxele Buthelezi  , oKlwana Buthelezi , oMxhamama Sibisi , oNdevana Khanyile nabanye . Imbongi enkulu ngesikhathi seSilo uShaka kwakunguMshongweni, nguyena owapheka oMxhamama noMagolwana abagcina sebeziMbongi ezinkulu nabo ngesikhathi sabo . UMshongweni sengathi wayengowaseMaShengeni naye. Imbongi yeNkosi uSenzangakhona kwakunguTholudaba Ndlovu owazala uMaqayingana owaba ngenye yeziMbongi seSilo uCetshwayo esebenzisana noMahlangeni kanye Manxeba Buthelezi owayeyiMbongi yoMntwana uCetshwayo yaseMangweni.

UMhlangeni wasala empini yaseMsebe nokuyimpi eyayiphakathi kukaZulu neNkosi uZibhebhu kaMaphitha Zulu yakwaMandlakazi . Impi yeNkosi uZibhebhu yayihlome iyiZingovolo ihlonyiswe ngaMaNgisi .  Le mpi yalwa emihlangeni yoMfula uMsebe ngoNtulikazi ngowe 1883 . Impi yoSuthu yayiholwa nguMntwana uNdabuko kaMpande .USuthu lwaselukhathele izenzo zeNkosi uZibhebhu eyayilokhu ihlasele njalo abalandeli boSuthu ithumba izinkomo zawo . UMntwana uNdabuko kanye nezinye izikhulu zakwaZulu bagcina bebone  kukuhle ukuthi iNkosi yakwaMandlakazi ithathelwe izikhali ihlaselwe. Yaphuma impi yoSuthu yawela uMfula uMona yaphikelela aBhanganomo , yathi ngenkathi iwela uMfula uMsebe yazithela phezulu kwamabutho akwaMandlakazi ayeyilalele uyendle emihlangeni yoMfula uMsebe. Zanqikilana kwahla emini . Ukuqhuma kwezibhamu kwadla umunyu empini yoSuthu eyayethembele emaKlweni naseZihlangwini . Maningi amaqhawe oSuthu asala kuleyompi ,neMbongi uMahlangeni nayo yasala khona eMsebe .

Ake ngime lapho okwanamuhla nina beNkwazi kaNdaba emaphiko amhlophe

Khumu!!

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo