Umlando ngeNdlovukazi uNtombazi

ULinda Nxumalo , uMlingisi:

Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu ,ngethemba nisaphila nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela . #ISilo uShaka leso. Nina beSilo ake sibheke umlando ngeNdlovukazi uNtombazi , ngamafuphi nje.

Wayengubani uNtombazi

UNtombazi nguyena owazala inkosi uZwide ka Langa ka Xaba  (uLanga wesibili) . Kuthiwa wayengowakwaNtshalintshali isibongo, ezalwa nguNdlangamandla wakhona kwaNtshalintshali. Kuyamangaza ukuthi wagana kanjani kwaNdwandwe ngoba uma ubheka ulibo lwabantu bakwaNtshalintshali lukuholela kuMavuso , obuye abe nguKhokho wabakwaNdwandwe , Shabalala , Mabuza kanye nabanye. *UNtombazi wayedume kakhulu ngokwazi izintelezi, ebuye abe yiSangoma.  .Wayebuye aziwe ngeleNdlamadoda okuyigama okwagcina sekubizwa ngalo uMzukulu wakhe uMzilikazi Khumalo.Phela uNina kaMzilikazi uNompethu wayezalwa yinkosi uZwide.  **Kuthiwa uNtombazi wayefike kwaNdwandwe esuka eSwazini , ezoqinisa umuzi wenkosi uLanga wesibili , kanti uzogcina egane  yona inkosi uLanga (II) kwazalwa inkosi uZwide eyaba ngenye yamakhosi ayenamandla kakhulu ngesikhathi sayo. Inkosi uLanga wesibili yayakhe ngaseMagudu ,oPhongolo. Inkosi uZwide yayisabusa ngesikhathi iSilo uShaka sihlanganisa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa esinguZulu. Yayiqale ukubusa kusabusa inkosi uDingiswayo kwaMthethwa, kwaZulu kubusa inkosi uSenzangakhona, kwaButhelezi kubusa inkosi uPhungashe, kwaMchunu kubusa inkosi uMacingwane. *Ngokusho kwababhali bangaphambilini kuthiwa impi yenkosi uZwide amandla yayiwathola kuzo izintelezi zeNdlovukazi uNtombazi. Kuthiwa kwakuthi uma inkosi uZwide yehlule enye inkosi empini leyo nkosi yayishumpulwa ikhanda(ngemiyalelo kaNtombazi) liphanyekwe eQhugwaneni likaNtombazi , eSigodlweni sakwaDlovunga okuyiSigodlo inkosi uZwide eyayisakhele unina uNtombazi. Kuthiwa leso senzo sokuphanyeka amakhanda amakhosi eQhugwaneni uNtombazi wayesihumusha ngokuthi “ yindlela yokuqinisa impi yenkosi uZwide”. Kuthiwa aba maningi impela amakhanda amakhosi aphelela kwaDlovunga , singabala elenkosi uMalusi yakwaNxumalo , elenkosi uMashobana yakwaKhumalo, elenkosi uDonda yakwaKhumalo, elenkosi uMlotha yakwaMtshali yakwaMtshali..Kwahamba kwahamba nelenkosi uDingiswayo nalo laphelela khona . ***Empeleni kuthiwa inkosi uDingiswayo yayingenhla ngamandla enkosini uZwide . Kodwa ngenxa yezintelezi zikaNtombazi ezinamandla ezazichelwe emngceleni wezwe lakwaNdwandwe nelakwaMthethwa inkosi uDingiswayo yahungeka, yashiya impi yonke impi yayo kwaMpukunyoni yahamba nenceku yayo kuphela -yaphikelela kwaNdwandwe kanti izofike ibulawe yimpi yenkosi uZwide. Yadlondlobala kakhulu inkosi uZwide yaze yanqotshwa yiSilo uShaka empini eyalwa izikhawu ezintathu. Kwathi lapho seyehluliwe inkosi uZwide kwashiswa izigodlo zayo yona  yaphulukundlela yabheka enyakatho , kuthiwa yagcina iphelele kumngane wayo uMujaji, yiNldovukazi yaBalobedu. INdlovukazi uNtombazi yona yakhothama ibulawa yiSilo uShaka , siphindisela ukubulawayo kwenkosi uDingiswayo esasiyithatha njengoYise .

 


Khumu!!

 

Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ..

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo