1.Amagogo
Induna yaMagogo kwakunguMaqhekeni wakwaSithole . Leli butho uMaqhekeni wayeliqambe ngoyise uMagogo Sithole owasala empini yaseNtumbane ngenkathi kulwa uZulu naBaNtungwa ngaphansi kweNkosi uMzilikazi . UMaqhekeni wayegqishe neNkosi uMzilikazi .
2. Amatshetshe
Induna yaMatshetshe kwakunguSifo wakwaMasuku . AbakwaMasuku kusengabantu bakwaNdwandwe.
3. IBabambeni
Induna yaleli butho kwakunguDakamela Ncube
4. IDibinhlangu
Induna uMletshe wakwaThebe. Babebabili oMletshe , kwakukhona owakwaNdiweni kanye nowakwaThebe.
5. IGuqa/ eGuqeni
Induna yeGuqa kwakunguMletshe Ndiweni . Kwahamba kwahamba uMletshe Ndiweni wagcina esehola ibutho elaliziwa ngokuthi yibutho loJinga
6.UGodlwayo
UGodlwayo wawuholwa iNduna uDambisamahubo Mafu . UDambisamahubo wayebandakanyeka odabeni lokubeka uMntwana uNkulumana . Kodwa wavuka ebalekile ngobusuku obadulela usuku okwabulawa ngalo ezinye izinduna eNtabazinduna. Ngakho-ke yena akabulawanga eNtabazinduna . Wabaleka wabheka ebuShona . Uzalo lwakhe lutholakala endaweni yaseMbelengwa kanye nakwezinye izindao zasebuShona.
7. INdinana / iNdinaneni
INduna yaleli butho kwakunguMfangilele Mashazi. AbakwaMashazi basengabantu bakwaMtshali .
8. INduba
INduba yayiholwa uLotshe Mtshali . ULotshe nguyena owahola ithimba lezithunywa zeSilo sakwaBulawayo iSilo uLobhengula elalithunywe kuKhwini Vitholi eNgilandi ukuba liyokwakha ubuhlobo .
9 . INgwengwe
Ibutho iNgwengwe laliholwa iNduna uMkhanyeli Masuku
10. INhlambeni
INduna yalo kwakunguThambo wakwaNdiweni. AbakwaNdiweni bangabantu baseMangweni . Bakanye nabakwaZwane , Cebekhulu , Hudla nabanye.
11. INqama
INqama yayiholwa insizwa yaseBakhwanazini uSomhlolo Mathema . AbakwaMathema kusengabantu bakwaMkhwanazi . Ibutho le Nqama yilona elaliqaphe uMawela (iSilo uMzilikazi) ngesikhathi sofuduko kusukwa lapho sekuseNorth West khona kuphikelelwe lapho sekuseNingizimu yaseZimbabwe khona . Sizachaza kabanzi ngaleli butho leNqama.
12. INqobo
INduna yalo kwakunguMazwi Gumede
13. INsinda
INduna yaseNsindeni kwakunguTshuwe Gwebu . AbakwaGwebu kusengabantu baseMabheleni. Bakanye nabakwaNtuli , Shabangu , Khuboni nabanye
14. INsingo
INduna yaseNsingweni kwakunguSomabulane Dlodlo . INsingo ummese omncanyana ubukhali kakhulu . NeRazor nayo ibuye ibizwe ngalo leli gama
15. INtemba
INduna yaseNtembeni kwakunguNjojo Mlotshwa owazala iMbongi yeSilo uMzilikazi uXukuthwayo Mlotshwa. NguXukuthwayo owasala ehola ibutho leNtemba ngemuva kokushona kukayise . AbakwaMlotshwa baseZimbabwe bangabakwaMazibuko koMwelase. UMlotshwa abazibiza ngaye wayengomunye wabaMnumzana bakhona kwaMazibuko .
16. INtunta
INduna yalo kwakunguMhabahaba Mkhwanazi . Ngemuva kokushona kwakhe kwathatha indodana yakhe uDliso owasala empini yaseGadade ngowe 1893 ngenkathi aBathwakazi belwa namaNgisi kaLozi
17. INyathi
INduna yeNyathi kwakunguNtabane Gwebu
18. INxazonke
INxazonke yayidume kakhulu ngeleNxa , iNduna yeNxa kwakuNtshumane Khanyi owayebuye aziwe ngelika Nyathela . UNtshumane waba ngenye yeziNduna ezabeka uMntwana uNkulumana kaMzikazi iNkosi isaphila .Akucaci kahle noma naye wabulawa eNtabazinduna noma qha.
19. INzwanazi
INduna yaleli butho kwakunguMphiliwa Magutshwa . AbakwaMagutshwa kusengabantu bakwaSimelane . UKhokho wabo nguNabela wakhona kwaSimelane .
20. ISiphezi
INduna yaseSiphezini kwakunguMaqundela Sigola . AbakwaSigola kusengabantu bakwaLanga koSothole , koShiyabantu . Babuye baziwe ngokuthi bangaMaNgwane kodwa hhayi awakwaHlongwane.
21. AMabhukudwane
INduna yaMabhukudwane kwakunguMayeke wakwaMthethwa
22. AMahlokohloko
Leli butho lalibaluleke kakhulu ngoba lalibandakanya aBantwana beSilo uMzilikazi esingabala kubo oNkulumana , Qalingana, Zihwanqa, Lobhengula, kanye nabanye. Amadodana kaMncumbatha oMhlaba noMtshede nabo babebuthelwe kulo leli butho bebuthwa yiNduna yalo uMbambelele Mtshali
23. AMagoloza/ AMakoloza
INduna yalo kwakungu Mankanyana Thebe
24. IMbuyazwe
INduna yebutho loMbuyazwe kwakunguMhliphi wakwaNdiweni
25. UMhlahlandlela
INduna yaseMhlahlandlela kwakunguGwabalanda Mathe owayebuye abe yiNsila enkulu yeSilo uMzilikazi . Nguyena owendlalela iSilo uMzilikazi mhla sitshalwa eNtabeni iNtumbane ngowe 1868 .
26. UMzinyathi
INduna kwakunguMajijili Gwebu
27 . INyamayendlovu
INduna yalo kwakungu Mkhokhi Masuku
28 . UYengo
UYengo lwaluholwa uMlotha wakwaKhumalo
29. ISizinda
Sasiholwa iNduna uMaphisa Fuyane
30. EZimnyama
INduna yeZimnyama kwakunguMtshamayi wakwaNdiweni
31. UZwangendaba
INduna yaleli butho kwakunguMbiko Masuku . UMbiko kwahamba kwahamba wavukela uMbuso weSilo sakwaBulawayo iSilo uLobhengula kwaliwa impi enkulu eyaziwa ngokuthi yimpi yaseNgazini. Yagoba uphondo ekaMbiko naye wasala enkundleni
*Ayemaningi amabutho enkosi uMzilikazi nina beSilo kodwa ngizoma lapha.
*Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV
Sharing is caring!