Umlando ngenkosi uDonda ka Gasa Khumalo

UMlabalaba Khumalo, iCiko likaMaskandi :

Enhla nasezansi ngiyababingelela abaseMantungweni kanye nesizwe sonke sikaZulu. Ake sibheke umlando wenkosi uDonda ka Gasa Khumalo. Eyayibongwa ngokuthi ingu”Kekela ka Ngobe ongenalo ulaka emuntwini ulaka lwakhe ukuncishana.. Sonani esingoni lutho okwemihlambi yezinyamazane”…

**Endulo abantu bakwaKhumalo sibathola bakhe ngasezintabeni zaseBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika eNondweni . Kuyavela emlandweni ukuthi umuntu owabe eyinkosi yabo ngaleso sikhathi kwakuyinkosi uMagugu , umnewabo wenkosi uDonda .Ngaleso sikhathi uDonda wayengeyona inkosi. Kuthiwa uDonda ekanye noMashobana , uMagawozi kanye noSiwela abakuthandanga ukuphathwa yinkosi uMagugu. Kuthiwa bamshiya uMagugu bahamba njalo baze bayofika ngaphesheya kweSikhwebezi , kuleyo ndawo uDonda wakha umuzi wakhe awubiza ngokuthi kuseZizibeni. Kuyileso sizathu uma kuthakazelwa abantu bakwaKhumalo kuye kuthiwa “Nina bakaDonda weZiziba” Kuleya ndawo uDonda waziphembela obakhe uBukhosi ***………………….Kwathi uyise omncane uMashobana yena wakha kusukela eSikhwebezi kuhambe njalo kuze kuyoshaya eMkhuze..UMagawozi yena wakha eNgome. UMagawo wabe engumnawakhe ka Mashobana, bezalwa nguZikode.  USiwela owabe eyiQadi likaGasa yena kuthiwa yena kabange esafika kulolu fuduko, kuthiwa kwafika indodana yakhe uMlotsha eyakha ngaseGqumeni elaziwa ngaMaphondwana . Sisazobuye sixoxe ngalo uzalo lukaSiwela . Inkosi uMagugu yahlala eNquthu yaze yahlaselwa yiSilo uShaka . Inkosi uDonda yahlala nabantu bayo kwaze kwafika isikhathi lapho yahlaselwa khona yinkosi uZwide ka Langa ngoba ithi yethuse inyamazane yayo iSilo uShaka. Kuthiwa inkosi uZwide yayihlela ukusoconga iSilo uShaka , kwasekusuka inkosi uDonda yayodonsa iSilo uShaka ngendlebe. Yasikuzwa-ke lokho inkosi uZwide , yabulala inkosi uDonda ngoba edonse iSilo uShaka ngendlebe…. ***USiwela ka Gasa uzala abakwaNkosi kanye nabakwaNdlangamandla abatholakala eSwazini . Sisazobuye sixoxe ngaye kanye noZalo lwakhe. Uzalo luka Donda lusatholakala eSikhwebezi , kwaCeza kanye nakwaNongoma..

Khumu !!


Niphile nina beSilo. Thola ulwazi ngamakhambi eSintu kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo