Umlando ngoSomhlolo ka Mahlikivana Mathemba (Mkhwanazi)

Abantu bakwaMathema abatholakala ezweni laseZimbabwe basengabantu bakwaMkhwanazi . Iqhawe esilibona ligqama kakhulu kulengxenyana yesizwe saBaKhwanazi uSomhlolo ka Mahlikivana kaNomi . Kuthiwa laba bantu bakwaMathema isibongo sakwaMathema basithola ngesigameko thizeni ngenkathi besekanye nabanye aBaKhwanazi endaweni osekuseMtubatuba namuhla nokuyindawo eyaqanjwa  ngenye yamakhosi akhona kwaMkhwanaI uMtubatuba kaSomkhele . Kukhona abanye oMathema abangabaTswana abawuhlobo lwabaTaung abangaxhumene nabantu bakwaMathema abangaBaKhwanazi .

USomhlolo kaMahlikivana wayeyiNduna yebutho leSilo sikaMthwakazi ibutho elalaziwa ngokuthi yiNqama.  Eqinisweni aBaKhwanazi babeyizihlobo kwaKhumalo ikakhulukazi endlini kaMashobana ngoba uMashobana wayeganwe intombi yakhona kwaMkhwanazi . Leyo ntombi yazala uNzeni . UNzeni ukhumbuleka kakhulu ngokweqhatha iLembe nabakwaKhumalo ngoba nguyena owatshela iLembe ukuthi iNkosi uMzilikazi yayingazethulanga zonke izinkomo eyabe izidle kubeSuthu.
Ibutho leNqama lingelinye lamabutho iNkosi uMzikikazi eyalwa ngalo ngenkathi ilwa noZulu. Ezinye izimpi ezaliwa ibutho leNqama  eyaseVegkop , eyaseGabeni, eyaseMangwe Pass , ekaSikhume kanye nezinye. EyaseVegkop, Mangwe Pass kanye neyaseGabeni iNkosi uMzilikazi yayilwa namabhunu kaHendrick Potigietier . Yanqoba kweyaseVegkop kanye neyaseMangwe Pass  .  Abanye abaKhwanazi ababeziNduna zakwaMthwakazi kwakungoMhabahaba Mkhwanazi owayeyiNduna yebutho leNtunta. Abanye kwakungo Magobela Mkhwanazi, Sobukhazi Mkhwanazi, kanye noMaqundela Mkhwanazi ababeziNduna zaseNkanini.
Ibutho leNqama laba ngelinye lamabutho eyakanye neNkosi uMzilikazi ngesikhathi ifudukela lapho sekuZimbabwe khona isuka lapho sekuseMosega eNorth West. EMosega iNkosi uMzilikazi yayihlale kusukela ngowe 1826 yaze yasuka ngowe 1837 isuswa amabhunu. Ofudukweni sahlukaniswa kabili .Enye ingxenye yaholwa iNdunankulu uGundanemitha , kwathi enye yaholwa iNkosi uMzilikazi uqobo. Le ngxenye eyaholwa uGundanekumitha yahamba kahle kakhulu yafika yakha umuzi wakwaGubixhegu lapho sekuseSigodini namuhla , buqamama nje nedolobha lakwaBulawayo eZimbabwe.  INkosi uMzilikazi nethimba layo  yagcina yedukile ,yeduka okweminyaka emithathu . INkosi yeduka nje yeduka kanye nalo ibutho leNqama kanye neNduna yalo uSomhlolo Mathema. Kulolo fuduko kwafa izinsizwa eziningi kakhulu zebutho leNqama zibulawa uNakane endaweni lapho sekuseVictoria Falls khona namuhla. Kuthiwa iSanusi esikhulu uMagqekeni Sithole wayebonisiwe ngokufa kweNqama ibilawa uNakane . Wayibikela iNkosi uMzilikazi ngokwakuzukwenzeka eNqameni . Waqhubeka wayiduduza ngokuthi ingakhathazeki ngoba kwakuzalwa enye futhi iNqama . Ngempela yafa iNqama , kodwa uSomhlolo kanye nelinye idlanzana leNqama basinda . Ngesikathi seNkosi uLobhengula lalisekhona ibutho laNqama futhi kwasekubuthwe ezinye ezinsizwa kugcwaliswa izikhala zezinsizwa ezafela eVictoria Falls . Ngesikhathi iNkosi uMzilikazi isedukile yahlasela ezinye izizwe iningi lazo eyaizinqoba ithumba abantu nezinkomo. Yayihlasela ngalo ibutho leNqama kanye noZwangendama owawuholwa uMbiko kaMadlenya wakwaMasuku. Ngowe 1839 iNkosi yahlasela uSibindwana iNkosi yaBaGololo ababesuke eNtabazwe ( Harrismith) . Zanqikilana ngase mfuleni uZambezi yazithela kumalunda izichome eyakwaSokhumalo . Yagcina ihlehlile eyakwaSokhumalo yaphindela emuva ingazidlanga izinkomo zabaGololo. AbaGololo isizwe esasibunjwe iNkosi uSibindwana(Sebetwana) Mofokeng eyayisuke eNtabazwe ibalekela ulaka lweNdlovukazi yabaTlokwa uMaNtantisi unina kaSigonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela . Empini yabaGololo noMthwakazi (isizwe seNkosi uMzilikazi) kwafa izinsizwa eziningi zeNkosi uMzilikazi ngoba lempi yalwa emfuleni uZambezi .Iningi lalezo zinsizwa zemeka namanzi ngoba zazingakwazi ukuhlamba . Ngowe 1840yatholakala iNkosi uMzilikazi ekwedukela kwayo itholwa ithimba elaliqokwe ukuyoyicinga.  Lelo thimba laliholwa nguMkhithika Thebe .
Ubukhosi bakwaMathema busekhona namanje kwaMthwakazi . Kubusa iNkosi uKhulumani Mathema

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo