Incazelo ngoMkhondweni  ( Cryptocarya myrtifolia)

UMkhondweni

Nina abakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! UMlunguzi weziNgoje , iziNgoje zilunguzelane! USingqila nganhloko kuzond’intamo nyaka wumbe kuyozonda isibili! !#Inkosi uSenzangakhona leyo! Enhla nasezansi ngiyakhuleka kwabeSilo , ngethemba nisaphila nina bakaNdaba omuhle kakhulu. Le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMkhondweni igama layo .

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo ngale Nduku sicija siphinde sivuselele amandla eSangomeni esesiphuphile , esingasashayi eMhlolweni , esibhula into engekho. Ixolo likaMkhondweni silithaka eMibhemisweni yokubhula, siye siliqhathe kakhulu noiBuchopho beMpisi, uma bungekho obeMpisi siliqhatha noBuchopho beZwangomoya(INqe), siphinde sijikijele nezimpande zoMoyawezwe,iSambulo, iPhengulula,  izimpande zoMhlahlo kanye nezinye iziNduku. Sona leso Sangoma esesishaya eceleni sibuye sisikhandele neGobongo elibandakanya iNtumbadlozi ,iPhengulula,  uMkhondweni, uMadlozana , uVumakubangoma omhlophe kanye neziminye. Siyovuka qingqo iSangoma singaphinde futhi sibhule eceleni. Namaphupho ngeke siwalibale. IDlozi laso liyocaca bha , likhulume.Ngalo ixolo likaMkhondweni elinuka kamnandi sibuye sikhuphule neSithunywa, lisuke lithakwe neminye imithi nokho. Nina beSilo kuye kube yixolo vele elisebenza kakhulu kule Nduku. Libuye lingene naseMchithisweni wezinja, lingena eMbhemisweni wezinja, lenza inja ibe bukhali isheshe ithole umkhondo . Ixolo lale Nduku libuye lingene naseZikhafulweni zokulanda isithandwa. Liyangena futhi nakuMabutho athunywa ukuyolanda.

Khumu!


Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe xaxa ngempande.

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo