Nina abakaVezi kofa abantu kosala izibongo yizona ezosala zibadabula yizona ezosala zibalilela amanxiweni! Isela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! #ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eMgungundlovu,Ngethemba basaphila abeSilo, sisaphila thina eMantungweni.
ILanda
Nina beSilo le nyoni eniyibonayo ibizwa ngokuthi yi-Landa igama layo . Lena yinyoni edla amaKhizane yingakho ihlezi ilandela izinkomo noma izinyamazane kube sengathi izelusile kanti idla amaKhizane. *Inkomo uma imhlophe ingenalo nelilodwa ibala iye ibizwe ngayo le nyoni, noma ibizwe ngokuthi uNyonikayiphumuli. **Amafutha ale nyoni, umlomo , izinyawo kanye namaqubu ayo kuyangena kwezamakhathakhatha. Amafutha ale nyoni ayangena kwezokuqinisa insizwa. Ayangena futhi kwezeziko lemfuyo . Izinyawo kanye nomlomo nawo amafutha kuhle kwezokulanda. Kuyangena eMabuthweni athunywa ukuyolanda izikweletu noma izinto uma zintshontshiwe ekhaya, noma zilahlekile . Imfuyo esetshenzwe ngale nyoni iyazibuyela ekhaya. Amaqubu ale nyoni ayangena kwezokugqumela ukuthandeka.
Khumu!!
Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”
Akwande mkhulu