Incazelo ngenyoni iLanda  ( Cattle egret)

ILanda

Nina abakaVezi kofa abantu kosala izibongo yizona ezosala zibadabula yizona ezosala zibalilela amanxiweni! Isela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! #ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eMgungundlovu,Ngethemba basaphila abeSilo, sisaphila thina eMantungweni.

ILanda

Nina beSilo le nyoni eniyibonayo ibizwa ngokuthi yi-Landa igama layo . Lena yinyoni edla amaKhizane yingakho ihlezi ilandela izinkomo noma izinyamazane kube sengathi izelusile kanti idla amaKhizane. *Inkomo uma imhlophe ingenalo nelilodwa ibala iye ibizwe ngayo le nyoni, noma ibizwe ngokuthi uNyonikayiphumuli. **Amafutha ale nyoni, umlomo , izinyawo  kanye namaqubu ayo  kuyangena kwezamakhathakhatha. Amafutha ale nyoni ayangena kwezokuqinisa insizwa. Ayangena futhi kwezeziko lemfuyo . Izinyawo kanye nomlomo nawo amafutha kuhle kwezokulanda. Kuyangena eMabuthweni athunywa ukuyolanda izikweletu noma izinto uma zintshontshiwe ekhaya, noma zilahlekile . Imfuyo esetshenzwe ngale nyoni iyazibuyela ekhaya. Amaqubu ale nyoni ayangena kwezokugqumela ukuthandeka.

Khumu!!


 

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo