Nina abakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilimo! UMagalela agase njengeNkosi yaMantshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu! UMkhumbi gudluka sibone amaGumgedlela! #ISilo uDinuzulu leso , iSilo sakithi oSuthu. Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeSilo.
IKhowa elimila esihlahleni
Nina beSilo lena enye yeziNduku ezimandla kakhulu kodwa ezedelelekile. Lolu hlobo lweKhowa lumila esihlahleni , ngesiLungu lubizwa ngeTurkey tail ngoba lumise okomsila weGalukini. ITurkey kushiwo iGalukuni. Phela iGalukuni libizwa ngokuthi yi-Turkey ngesiLungu. Akuyona iNkowankowane lena nina beSilo. Le Nduku nina beSilo yinhle kakhulu ezinsini zamaLumbo , ezikhothwayo kanye nezigcatshelwayo. Yinhle nasezinsini ezikhothwayo zoMhluma. Yinhle futhi nakwezokuphindisa . IyiNduku elwa kakhulu le Nduku .Iyangena nakwezokucupha iThuna. Iyangena futhi kwezokugeza kanye nakwezokuphindisa aManzamnyama.Yinhle kakhulu nakwezokuqinisa uMsamo ukuze ungaphehleki ngaManzamnyama futhi neDlozi lingaphenduleki. Iyalwa le Nduku nina beSilo futhi iyabulala , ifana noQeduhlobo(uMuzi owawulapha wayangaphi). Umuntu ophehla uMsamo oqiniswe ngale Nduku kushayeka yena . Le Nduku ibuye igaywe bese ifakwa ekudleni kwenja edliswe uShevu. INduku elwayo lena. Kwamanye amaZwe le Nduku iye igaywe bese ifakwa kuma-Tea Bags kwenziwe iTiye elinqinda amandla zonke izinhlobo zoMdlavuka (Cancer)
Khumu!
Mina ngicela ukubuza mayimile ekhaya kulapali ayenze igceke or kuleli lokuneka iwashini leli khowa linobungozi kangakanani ekhaya
AYinabo ubungozi, naseSibayeni iyamila