Incazelo ngoMvuthuza   (Bryophyllum pinnatum,Leaf of life, Never die )

uMvuthuza

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UDunjwa yedwa limkhandanisile!!IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo uShaka leso , iSilo sakithi kwaBulawayo. Enhla nasezansi ngayababingelela abeSilo , ngethemba basaphila.Sisaphila thina eMaNtungweni. Le Nduku esesithombeni ibizwa ngokuthi uMvuthuza igama layo.

UMvuthuza:

Nina  beSilo le Nduku inamandla amakhulu . Ingakumangaza ngokukududulela isichitho sezintwala zeNgulube ugqume ngayo iyodwa vo ingelekelelwa Nduku. Lena yiNduku esebenza kakhulu ezichithweni , yinhle futhi nakweseziNduna. Kanti amakhasi ayo akhanda iSiphungo esihle esindambisa amandla ezifo ezingaMahlalakhona. Bayikhonzile le Nduku lena eMazweni aseZiqhingini i-Caribbean ISlands, amazwe afana noJamaica , Costa Rica ,Dominican Republic kanye namanye. Bayetekitisa ngokuthi iyi-Leaf of life okuhumusheka ngokuthi “iQabunga lempilo. Baze bakhande neTiye layo le Nduku ,elidayisa nasezitolo zangakhona. Lapha kweleNgabade le Nduku zidudula ngalo izichitho. Le Nduku ibuye ibizwe ngokuthi u’Never die” ngesiLungu ngoba iqabunga layo uma liwa liyamila kuvuke esinye isihlahla soMvuthuza. *Kunenkolelo ethi le Nduku uma itshalwe ekhaya ivala izinhlanhla,iyazivuthuza . Kuthiwa namantombazane akulelo khaya awagani, izinsizwa aziphumeleli………………. UMvuthuza ubuye ubolise njenge Mbozisa . Izingxabu zawo ziyangena eNdukwini ephalazela ukukhipha idliso. Uyabolisa futhi nemithi yabathakathi . Uma uxakwe ngaBakhunkuli emsebenzi thatha amacembe oMvuthuza uwathele amanzi, bese lawo manzi uwacwengela eSipakupakwini esincane uyochela ngawo indawo usebenzela kuyo , zonke izintelezi zaBasokoco ziyobola phihli! Ubuthakathi bubhokile bakwethu ikakhulukazi ezimotweni,kwiZimpolompolo. Izingxabu zoMvuthuza ziyangena nakwiMbiza ephuzelwa ukubolisa idliso . Muhle impela ekuboliseni.

Khumu!


Niphile nina beSilo.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu @kholokhumalotv

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo