UQeduhlobo/ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi

uQeduhlobo (uMuzi owawulapha wayangaphi)

Nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi. UMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele. UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose!

Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeSilo. Lesi sithelo enisibona esesithombeni isithelo somuthi okuthiwa uQeduhlobo . UQeduhlobo ubuye waziwe ngokuthi ISizukulwane noma uMuzi owawulapha wayangaphi. Le sithelo sikaQeduhlobo siwumuthi wokuphindisa . Siyingozi kakhulu ekuphindiseni , sishaya sibhuqe wonke umndeni walowo muntu osuke egangile , enze ububi. Sishaya nesizukulwane , ingakho lo muthi ubuye ubizwe ngeSizukulwane. Sizebenza kakhulu uma kugezwa amanzamnyama. Amanzanyama yisimo lapho umthakathi evuka khona ebusuku kweSikabhadakazi aphehle umndeni othile okhambeni olunamanzi amnyama . Kulawo manzi amnyama kusuke kukhona imithi efana noDungamuzi, uManxiweni kanye neminye esetshenziswa ngabathakathi uma benza ukungcola kwabo . Uma umthakathi ephehla amanzi amnyama uye akhulume , abiza amagama amalungu alowo mndeni asuke ewuphehla. Isikhathi esiningi lowo mthakathi usuke eyisihlobo sakhona kulowo mndeni asuke ewuthakatha, ngoba uyakwazi ngisho nokuphendula nedlozi lakulowo mndeni asuke ewuphehla, libe yidlozi elibi. Ngenkathi ephehla uye asho namazwi amabi afana nawokubulala. Imiphumela yalokho kuphehla komthakathi esikhathini esiningi kuba wukufa noma ukungahambi kahle kwezinto emalungwini alowo mndeni abekade ewuphehla. Ukuze kuphele lowo mkhokha kulowo mndeni osuke uphehliwe kuye kudingeke ukuba kubizwe noma kulandwe inyanga enolwazi lokugeza amanzi amnyama. Kunezigaba ezimbili zokugeza amanzi amnyama. Isigaba sokuqala kulapho inyanga ithatha wonke amalungu omndeni , iyenawo ehlathini ,iyowageza. Kuleso sigaba sokuqala umndeni uzogeza ubuye uphalaze. Konke lokho ukwenzela esidulini. Kuleso sigaba inyanga isuke ikhuluma nayo , isho ukuthi lowo mkhokha mawuphindele lapho uvela khona. Uma umndeni usubuyile -ke ehlathini uyoqala -ke ukudla imithi yamanzi amanyama, uwudlela ekhaya. Uyaphalaza, uyagquba ubuye ugeze ngemithi yamanzi amanyama. Kuleyo mithi esuke idliwa kusuke kukhona noQeduhlobo, umuthi wokuphindisa.

Eminye imithi yamanzamnyama esuke ithakiwe.

UMantingwe{obuye waziwe ngokuthi Amanzamnyama},


Mviyo,

UMnqandane,

iMpila kanye neminye imithi yamanzi amnyama.

Leyo mithi kuthiwa idliwa okwesikhathi esingange nyanga. Emva kwalokho kube sekuhlatshwa imbuzi emhlophe okuthiwa eyokukhanyisa. Kuzobe sekuqala-ke kudliwe imithi yokukhanyisa, imithi emhlophe yedlozi esiyaziyo sonke. Leyo mithi idliwa ngokuphalaza nangokugeza.

Imithi emhlophe edliwayo

INtumbadlozi,

UVumakubangoma omhlophe

UMadlozana,

UMphenduli

UMalibuye

INhlanhlemhlophe kanye neminye imithi emhlophe yedlozi.

#Khumu!

Thola ulwazi oluthe thuthu ngemithi kuYou Tube wethu osihloko sithi ‘Kholo Khumalo TV’

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo