INCAZELO NGESIGQIKI SOMKHOVU

ISIGQIKI SOMKHOVU:

Ngiyayibingelela iNdlu ensundu  enhla nasezansi. Nanso-ke iSigqiki soMkhovu nina beSilo. Lesi isihlahla esitshalwa esangweni lekhaya ,ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Sitshalwa yizo zonke izinhlanga, ngisho nabeLungu imbala. Sitshalelwa izizathu ezahlukahlukene. Abantu abansundu basitshalela ukuvimba nokuphebeza imimoya emibi, imikhovu nabathakathi imbala. Kuthiwa uMkhukhuli akangeni lapho kutshalwe khona lesi sihlahla. Kahle-hle kuthiwa akukho moya omubi ongenayo lapho kutshalwe khona iSigqiki soMkhovu. Umuntu ofisa noma ofuna ukutshala iSigqiki soMkhovu kudingeka abe nencwadi emgunyazayo ukuba asitshale, uma esitshala ngaphandle kwencwadi uyakubhekana nengalo yomthetho. Le ncwadi eyimvume yokusitshala itholakala kubona abomthetho. Kuthiwa lesi sihlahla sesiSgqiki soMkhovu sinobulili, kukhona esomfazi nesendoda. Esomfazi sibonakala ngokuthela izithelo esizithela phakathi nendawo, ngaseSiqwini , hhayi emacembeni. Kanti futhi kuthiwa kudingeka  uzitshale zombili, esomfazi nesendoda. Ngakho-ke kudingeka wazi ukwehlukanisa ubulili.  Ungaqala ngesomfazi, bese ulandela ngesendoda.Bathi siyakhungwa lesi sihlahla. Umuntu akaveli asitshale nje. Sinemibandela nemikhuba. Kuthiwa sitshalwa ngemali ekhanyayo, lokho kusuke kwenzelwa ukuthi sisebenze kahle.  Kuthiwa uma sisesincane  asichelelwa inoma ubani. Kepha sichelelwa wumuntu osekhulile , ofana neNtombendala noma iNsizwendala. Kuthiwa siyasha uma sichelelwe wumuntu osemusha , futhi ongcolile. Bathi uma konke ukwenze kahle kusukela ekusitshaleni, bathi sikusebenzela kahle kakhulu. Akukho lutho engiluzwayo mayelana nokusebenza kweSigqiki soMkhovu kwezomnotho noma kwezenhlanhla  . Kubukeka sengathi umsebenzi waso owokuvimba abathakathi ukuba bangangeni ekhaya. Kubukeka sengathi asinabo ubungozi ngoba bathi uma kukhona esingakuthandanga siyazifela sona, asibulali muntu. Ake ngime lapho nina bakaVezi uNonyanda. Zonke izizwe eNingizimu Afrika zisithwele ngeQoma lesi sihlahla  . NgesiSwati kuthiwa iSjekwane, ngesiTshwana nangasiSuthu kuthiwa iLebombo, ngesiLungu kuthiwa iJozini Cycad . Akhona amaNguni asibiza ngokuthi iJubane .

#Khumu!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV, ufunde nangamanye amakhambi esiZulu.


Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo