Incazelo ngoBisi lweMbuzi   ( Bok Melk )

Ukusengwa kweMbuzi

Nina abakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama uNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu. #ISilo uMpande leso, iSilo sakithi kwaNodwengu . Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeSilo.

UBisi lweMbuzi

Nina beMbube eshoba liyisilikithi uBisi lweMbuzi abaningi balwazi luluhle kakhulu ekuvuleni izinhlanhla uma luthiwe chatha eNdukwini emhlophe yokuphalaza. Luhle futhi nasekucaciseni amaphupho. Kanti nakwezokugqumela ukuvula izinhlanhla luhle kakhulu ikakhulukazi uma lweqhathwe noMsuzwana , iShaladilezinyoka kanye nezinye iziNduku. Angikho kakhulu lapho. *****Nina beSilo oNgoti bezempilo bathi uBisi lweMbuzi luhle kakhulu ekulawuleni uMfutho wegazi ophezulu phecelezi High Blood Pressure. Luhle futhi nakubantu abaphila nesifo samathambo. Bathi Ngoti luyazama impela ukuwaqinisa amathambo. Bathi luhle eziNtombini ezindala naseZinsizweni ezindala ezihlushwa amadolo kanye nokunye okuthinta amathambo. *Ungaluphuza ,noma uludle namaCornflakes, noma nalokhu okubizwa ngokuthi i-Morvite. Bayaqhubeka oNgoti bathi uBisi lweMbuzi lwenza umuntu aphefumule kahle, ngakho -ke luhle kubantu abakhathazwa yisifuba somoya phecelezi -Asthma . UBisi lweMbuzi luhle futhi nasesikhumbeni ikakhulukazi kubantu basefazane abanesikhumba esingabukeki kahle. Baye bagcobe ngalo ebusweni noma kuwona  wonke umzimba onamashashazi noma onezinduna. Luqeda izinduna , lwenze isikhumba sibukeke kahle , sibe bushelelezi, **UBisi lweMbuzi kubuye kwenziwe ngalo i-Cheese emnandi kabi eyehla esiphundu.

**UBisi lweMbuzi luyatholakala ezitolo ezinkulu. Lubhalwe ukuthi “Bok Melk” .Noma uzisengele wena ezakho iziMbuzi zakho njengoba vele sakhula sizisenga , sikhande itiye elimnandi elehla esiphundu .


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi @kholokhumalotv

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo