
uSibongiseni Shezi,uMlingisi .
Umlando ngenkosi uDlaba ka Mavovo yakithi eMachubeni
Nina abakaSiphuphuma simadela miyalo! Sibhoboze isikhala eMachubeni,seza noMvakela ezalwa nguDlaba!Seza noMaqopha ezalwa nguDlaba!Seza noKhwababa ezalwa nguDlaba!Msingi wazansi woz’using’enhla!Woza usinge lapha kuy’ilanga!ISilo sakithi kwaDukuza leso,iSilo uShaka.Nina beSilo ake sibheke umlando ngenkosi uDlaba ka Mavovo yakithi eMachubeni okuyiyona eyayibusa aMachube ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka.Nayo-ke yazithola isihlaselwa yiSilo sakithi kwaDukuza ngenkathi sakha uZulu ukuba ube yisizwe esisodwa.Isizwe saMachube(abakwaShezi)sisithola kwelaseNkandla eduze nomfula iNsuze.Uma kuthakazelwa umuntu wakwaShezi kuye kugqanyiswe kakhulu uDlaba okuyigama lenkosi uDlaba ka Mavovo eyayibusa abakwaShezi ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka.Inkosi uDlaba yazalelwa eZisongweni,emzini kayise uMavovo.Esigodini sasoPhindweni entabeni uNomangci kunetshe okuthiwa yayihlala kulo inkosi uDlaba uma izwa ukuthi impi yeSilo uShaka iyeza isendleleni.Kanti ngaseMaNgidini kwaBiyela kunetshe elibizwa ngeSihlalo sikaDlaba elimise okwesihlalo.Inkosi uDlaba yazala uMvakela,uMsholoza,uKhwababa,uMaqopha kanye nabanye.NguMsholoza owalandela inkosi uDlaba esihlalweni sobukhosi.Inkosi uMsholoza yazala uZokufa ozalwa okaMbengi Mhlongo udadewabo weNdlovukazi uNandi.Okusho ukuthi uZokufa wayenguKaNina weLembe.UZokufa nguyena owalandela inkosi uMsholoza esihlalweni sobukhosi.Yena wazala iqhawe uSigananda ka Zokufa owabuthelwa ebutwheni loMkhulutshane ebuthwa yiSilo sakithi eMgungundlovu iSilo uDingane.Inkosi uSigananda sesaxoxa kaningana impela ngayo.Okubaluleke kakhulu ngabantu baseMachubeni wukuthi yibona ababenakekela iSilo uCetshwayo ngesikhathi sibhace eMome ngo1883,sabhaca izinyanga ezine sagcina sikhishwe ngamabutho amaNgisi nabeSuthu bakaKgosi Hlubi ha Motha Molefe eSinquthu.ISilo uCetshwayo sagcina sidliswe ushevu Malimade (Melmoth Osborn)sakhothama mhla ziyi 8 Nhlolanja 1884.UNhlolanja ngisho uFebruary nina beSilo.
Izibongo zenkosi uDlaba Shezi
Dlaba-dludlu!
Odl’imihlambi yabantu!
Abadliwa uDlaba bayaceba,
Waceb’uJani wakwaMadango,
Odl’ezikaNodumehlezi ka Msoco,
UMpunga nkonyeni,
Aphung’ebantwini
USiba lukaMavovo
Oluvele ngesihloko kuNomangci phezulu
uMzaca onesikhanda phambili
Imvu kayikhulumi yawoNogobo,
Eshay’amanzi kwavel’udaka
Kwath’emuva kodaka kwavel’amadoda
uDiza weNtambana
uMafokomela ngafu lamvula
Ibinda nkosi!
Khumu!
Uma ufisa ukuthola izibongo eziphelele zenkosi uDlaba thola incwadi kaSolwazi Jabulani Maphalala esihloko sithi “Izizwe zamakhosi akwaZulu umqulu wesithathu”