IZAGA: Eziqondene nenhlanhla
-(Isaga)
*(Incazelo)
-Ucilo uzishaye endukwini/Intendele iwe enkundleni
* Kusuke kuvele inhlanhla ebikade ingalindelwe. KwaXhosa bathi ‘Ukuwelwa umqe(isitshwala/ipapa)esandleni’
-Zimbiwe yinsele yazishiya
– Kushiwo izinyosi. Insele isilwane esimba izinyosi, sithanda uju.Isilwane esihlonishwa kwaZwane lesi , ngisho uma kuzalwe ingane ishunqiselwa ngaso lesi silwane. Ngesilungu kuthiwa i-Honey baggar . Lesi saga sisho inhlanhla enkulu
-Iqhina liphuma embizeni
* Ukuphuma ngesamangundane, ukusinda kwenkulu ingozi
-Uphakathi komhlane nembeleko
* Ukuhlala kahle, kungabikho okukukhathazayo phecelezi comfort zone
-Inkomo iwe ngomphondo
* Akuvelanga ngozi enkulu. (Ukuba sebunzimeni kodwa ungakwazi ukuzisiza) . Kubuye kuthiwe ‘Iwa libheke umoya’
-Igcagcele esokeni/Igane esokeni
* Kwenzeke akuthandayo, yisehlakalo esihle
– Yeka ungoqo ukuzala isilomo
* Kushiwo lapho uMfokazana ezele umuntu omkhulu onegama
-Iwe ngoboya
-Kushiwo ukuthi akuvelanga ngozi enkulu. Sicishe sifane nalesi esithi ” Iwe ngomphondo”
-Akufanga thole elidala
* Noma kuvele umshophi nje nokho akubanga kubi kakhulu . Kube ngcono ngoba kufe osemncane
-Yeka umhlobo onenhlanhla, ozipheka zilale zingeqiwa gundane
* Kushiwo umuntu onenhlanhla okuthi nalapho bekufanele onakalelwe khona kodwa kungonakali lutho
-Uyadela umuvi wona wazibopha ngexhama wabonakala
* Lesi saga sichaza umuntu othi lapho enza izinto zivele zimlungele
-Iyadela imvukuzane, yona ihamba phansi ingawuboni umhlaba
* Yinkulumo yomuntu onganandlela yokwenza izinto azifisayo ngasese.
#Khumu!