Izisho nezincazelo zazo{Isiqephu sokuqala}

Izisho nezincazelo zazo{Isiqephu sokuqala}

 

-{Isisho}

*{Incazelo}


-Ukukhetha amabala

*Kusho ukuhamba ngokukhulu ukuchophelela

-Ukweqiwa yiNkezo

*Ukudakwa kakhulu, uzilibale negama

-Ukwaliwa ukudla\Ukwaliwa ngamabele

*Ukudakwa kakhulu , ulwe nabantu , uphoxe

-Ukubanga umunyu

*Ukudala ubuhlungu bosizi

-Ukubanda emathunjini

*Ukushaywa uvalo olubi, kubuye kuthiwe ‘Ukubanda esiswini’

-Ukubambisa udonga

*Ukukhohlisa

-Ukuzibambela mathupha

*Ukuzenzela wena

-Ukuba nebhungane ekhanda

*Umuntu owenza izinto kube sengathi ikhanda lakhe alithathi kahle

-Ukuzidela amathambo

*Ukuziphosa nje umuntu engabe esanaka nengozi engahle imehlele

-Ukuba wuNdlela zinuka umswani

-Ukuba wukhokhovu lwenyanga

-Ukudlela emkhombeni wempaka

*Ukwedelela , ukwesela Ubuntu

-Ukudlela ogageni

-Ukungaphumuli kahle ngenxa yovalo olukhulu

-Ukuhlala amagqozo

*Ukuvele wenze utho okudingeka ulwenzile , ungalokhu ubuza imibuzo

*Isibonelo ‘UMabhiza ngenkathi efica amasela emzini wakhe uvele wahlala amagqozo ngenduku’

Lesi sisho siyasebenza nasesimeni esihle, Isibonelo ‘We zinsizwa ngicabanga ukuthi sesiphelele manje kuloMhlangano , asiveleni sihlale amagqozo

-Ukudukuza oswini

*Ukungabi namqondo, ukucabanga kakhulu kodwa lutho ukuphuma nesixazululo

-Ukwethemba uboya beNtenesha

*Ukuzithembisa ngobala

-Ukufelwa yizwe

*Ukuhlupheka okukhulu

-Ukomela othini kuhle kwentethe

*Ukuhlupheka okukhulu

-Izwe elingafelwa nkonyane

*Izwe lentokozo nempilo enhle

-Zifelwe ngunina!

*Ziningi kabi! Akuzonazo!

-Ukufa olwembiza

*Ukuvelelwa yishwa elingenakulungiswa

-Ukwethuka izanya

*Ukwethuka ubala

-Ukwethula ingwe

*Ukuzivikela

-Ukufakana imilomo

*Ukuxoxa

-Ukufika enkatheni yenkangala

*Ukuhlangabezana nobunzima obukhulu

-Ukugaba ngomuntu

*UKudelela uthembele kuye

-Ukuba yiphela endlebeni

*Ukuba ngumbelebele

-Ukunxanxatha izinkobe zingakavutha

*Ukukhuluma into engezwakali

-Ukunya indoni namkhiwane

*Ukungethembeki, namuhla usho lokhu, kusasa usho okunye

-Ukuba phakathi komhlane nembeleko

*Ukuhlala kahle

-Ukuba phakathi kwetshe nembokodo

*Ukuba sebunzimeni obukhulu

-Ukunyathela ngabantwana

*Ukuba nezitho ezinhle

-Ukuba yinyathi

*Ukuzimuka kakhulu

-Ukunyalalisa okwendiki

*Ukuthula sengathi kawuzwanga,ukuhamba ungashongo

-Ukunqumela umuntu ugwayi katiki

*Ukucupha umuntu

-Ukunqumela ogodweni

*Ukuphatha ngesihluku

-Ukuba nekhanda

*Ukuba nengqondo eshesha ukubamba

-Ukugwaza ibhece

*Ukwahlula kalula

-Ukungagqizi qakala

*Ukungabi nandaba

-Ukuba limi mbili

*Ukuba namanga

-Ukuvala ngehlahla

*Ukushaya ilothe, ukuphela kwabantu ukufa.

-Ukugoba izinkophe \Ukuvala izinkophe

*Ukuba nguMtshingo ubethwa ngubani\Ukuba uMtshingo ubethwa zinyoni

*Ukuba sesithubeni, ukuba yintandane

-Itshe ukoma inhlaba

*Akusekho muntu ekhaya

-Izinkomo ezibulala inyoka

*Zisuke ziningi kakhulu , zinguChibidolo

-Ukuba novalo entanyeni njengexoxo

*Ukuba ligwala elibi

-Ukusuka egadeni

*Ukuba mude . Kubuye kuthiwe ‘Ukusuka egabadeni’

-Ukusukwa wusinga\Ukuvukwa wusinga

*Ukusukwa ngamadlingozi

-Ukukhamela umuntu esekweni

*Ukuqeda umuntu nilwa

-Ukushaywa ngegula ebusweni

*Ukusulelwa icala ngomunye

-Ukushisela ibhudle

*Ukuchukuluza umuntu

-Ukuphika uhlanze okwayizolo

*Ukuphika ume ngentaba

-Kuphume nesinedolo

*Akekho osele emuva

-Siphundu kawuboni

*Akaziboni izinto ezenzekayo

-Ukuqapha eqolo njengonwabu

*Ukuhlalela ovalweni , ukuhlala ulindele ukuzivikela engozini engahle ikwehlele

-Ukushaya uzamthilili

*Ukushaya isidididi, ukushalaza

-Ukusina ngethambo lomuntu

*Ukuhlekisa ngosizi lomunye umuntu

-Ukubeka induku ebandla

*Ukwenza umsebenzi omuhle oyokhunjulwa ngawo uma usudlulile emhlabeni

-Sekoba ngozi makhaza

*Useyalulama ekuguleni

-Ingozi engeqiwa ntwala

*Ingozi enkulu

-Ukungabi nasinqe

*Ukuhlala usendleni njalo

-Inhliziyo egaya izibozi

*Uthukuthele kabi

-Ukuba nenhliziyo ebomvu

*Ukuba nonya

-Ukuba mnyama kwenhliziyo

*Ukungathandi ukudla , mhlawumbe ngexa yokugula noma ngenxa yomoya ophansi

-Ukuba nenhliziyo emhlophe

*Ukuba nomoya omuhle

-Ukuba yinduna yabafazi

*Indoda engamili ntshebe

-Ukuphatha emehlweni

*Ukukhohlisa

-Ukungena ngeNdlov’iyangena

*Ukungena ngoshova, nangenkani

-Ukupholisa amaseko

*Ukuhlala isikhashana

-Ukuqhatha umunyu

*Ukuhlupheka

-Ukuqanda amasuku

*Ukukhala kokuqala kwezinkukhu

-Ukuqotha imbokodo nesisekelo

*Ukusizila , ukubulala kungasali lutho

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo