Umlando ngeNgwenyama u-Mbandzeni ka Mswazi II ka Sobhuza I

Umlando ngeNgwenyama u-Mbandzeni ka Mswazi II ka Sobhuza I

 

Elinye igama leNgwenyama u-Mbandzeni kwakungu-Dlamini wesine. INgwenyama u-Mbandzeni ka Mswazi wesibili yiyona eyalandela uYise iNgwenyama u-Mswazi esihlalweni sobukhosi . Empeleni kwakulindeleke ukuba kube nguMntwana u-Ludvonga ka Mswazi wesibili owayezolandela uYise esihlalweni soBukhosi , kodwa ngeshwa uMntwana u-Ludzonga wakhothama engakagcotshwa . UMntwana u-Ludvonga wayezalwa iNdlovukazi yaseNknini u-Sisile Khumalo u-LaMgangeni , kuthiwa u-LaMgangeni ngoba igama likaYise kwakungu-Mgangeni .Kuhlawumbiselwa ukuthi iNgwenyama u-Mswazi yakhothama ngowe 1865, ngemuva kokukhothama kwayo kwabamba iNdlovukazi u-Thandile ka Zwide owayebusa ebambele uMntwana u-Ludzonga owayesakhula , kodwa ngeshwa wakhothama engakagcotshwa .INdlovukazi u-LaMgangeni yayizalwa eBukhosini obukhulu bakwaKhumalo khona eSwazini. Esekhotheme –ke uMntwana u-Ludvonga uBukhosi baseSwazini bahlala phansi babhunga ngowayezothatha uBukhosi , kwagcina koqokwe u-Mntwana u-Mbandzeni kwazise naye wayezalwa eBukhosini obukhulu bakwaNkambule,  futhi wayesefakwa esiswini seNdlovukazi yaseNkanini u-LaMgangeni . U-Mntwana u-Mbandzeni wayezalwa uNdlunkulu u-Nandzi indodakazi Nkambule , uNandzi wakhothama washiya u-Mandzeni esemncane kakhulu , wabe esekhuliswa iNdlovukazi yaseNkanini u-Sisile Khumalo owayezalwa eBukhusini obukhulu bakwaKhumalo khona eSwazini.

INgwenyama u-Mbandzeni yakha iSigodlo sayo eyasibiza ngokuthi kuseMbelekweni, yaganwa uNdlunkulu wayo omkhulu u-Labotsheni ka Matsanjana{Mathanjana} owayizalela iNkosana yayo uMntwana u-Bhunu {uMahlokohla} okuyiyona eyabusa ngemuva kukaYise. Ezinye izingane zikaLabotsheni kwakungo-Malunge, u-Lomvazi kanye noTongotongo indodakazi. INgwenyama u-Mbandzeni ingakabusi  yangena omunye waMakhosikazi woMntwana u-Ludvonga , yazalwa u-Mntwana u-Mdabuko. INdlovukazi u-LaMgangeni yazidonsela amanzi ngomsele ngokuthanda kwayo u-Mntwana u-Mdabuko ngokweqile. Kuthiwa iNdlovukazi yamathanda kakhulu loMntwana kangangokuthi ngelinye yagcina isizethuke isithi ‘Ifisa ngathi kungaba nguye iNgwenyama hhayi u-Mbandzeni”. Kuthiwa yagcina ikhulume amazwi ayethi akugudluzwe iNgwenyama u-Mbandzeni ukuze kungene uMntwana u-Mdabuko, noMntwana u-Ndwandwe indodana yeNgwenyama u-Mswazi useyingena naye le ndaba engasohlangothini lweNdlovukazi u-LaMgangeni. U-Ndwandwe wayenguYise omncane weNgwenyama u-Mbandzeni , ezalwa yi-Ngwenyama u-Sobhuza  l kuNdlunkulu u-Fike Ndwandwe indodakazi yeNkosi u-Zwide eyayilama iNdlovukazi  u-Thandile{u-LaZwidze }emhlane. INdlovukazi u-Thandile yazala iNgwenyama u-Mswazi, iNdlovukazi u-Thandile yona yayilama uNdlunkulu weNkosi u-Mashobana  u-Nompethu unina weNkosi u-Mzilikazi . UNdlunkulu u-Fikile weyeze ekanye neNdlovukazi u-Thandile ukuzogana kwaNgwane, begana iNgwenyama u-Sobhuza wokuqala . Ngalokho-ke babebabili oLaZwide kuMaKhosikazi eNgwenyama u-Sobhuza. Ake sibuyele eNgwenyamani u-Mandzeni.  Kuthiwa yathukuthela yathelwa ngamanzi iNgwenyama u-Mbandzeni lapho izwa ukuthi iNdlovukazi u-LaMgangeni yayikhulume lawo mazwi. Bathi yaqala ngoMntwana uNdwandwe , yathumela iButho ukuba liyombulala emzini wakhe waseMbidlimbidlini ngaseNgwempisi , ngempela lagasela iButho kungazelele muntu , lambulala u-Mntwana u-Ndwandwe , aligcinanga ngokubulala yena kuphela kepha labulala noMntwana u-Mdabuko. INdlovukazi u-LaMgangeni yathi lapho izwa ngokubulawa koMntwana u-Ndwandwe kwayicacela uuthi nayo ayeyizulela amanqe, yazama ukubaleka kodwa namanye amaButho amadala kodwa kwanhlanga zemuka nomoya, iNgwenyama u-Mbandzeni yaphaka impi ukuba ibalandele , yagcina ikhotheme iNdlovukazi u-LaMgangeni ibulawa yimpi yeNgwenyama u-Mbandzeni .  INgwenyama u-Mbandzeni yabuye yahlasela noNgome Khumalo owayeyisihlobo esikhulu seNdlovukazi u-LaMgangeni, sengathi wayelama uNdlunkulu weNkosi u-Mswazi u-Nandzi Khumalo indodakazi kaMagadlela . Yena-ke u-Ngome akabulawa , aphulukundlela wabaleka wagcina esenkanise lapho sekuseMalelane khona namuhla. Ibuye ikhumbuleke kakhulu iNgwenyama u-Mbabdzeni lapho yelekelela amaNgisi ngenkathi eyohlasela iNkosi u-Sekhukhune yabaPedi . INkosi u-Sekhukhune yayisiwehlule amahlandla amabili kulandela amaNgisi, yayingawezwa nhlobo. Kwathi ngehlandla lesithathu amaNgisi ayocela usizo kumaBhunu kanye naseNgwenyameni u-Mbandzeni, ngempela aluthola usizo , anqotshwa amaNgisi kwashiswa nomuzi weNkosi weNkosi u-Sekhukhune waseMshadza. Kuyileso sizathu igama leNkosi u-Sekhukhune yabaPedi livela ezibongweni zeNgwenyama u-Mbandzeni . INgwenyama u-Mbandzeni ayibusanga isikhathi eside , yabusa kusukela ngowe 1875 kwaze kwaba isikhathi sokukhothama kwayo ngowe 1889. Phakathi kuka1865 kuya ku 1875 uBukhosi babanjwa iNdlovukazi u-LaZwidze {Thandile Ndwandwe} njengoba besengishio ngenhla


 

Izibongo zeNgwenyama u-Mbandzeni ka Mswazi ll ka Sobhuza l

 

Madeya ka Ndaba!

Owadey’inkabi inezimpondo

Wayotheng’aMandanda

Lihhawuhhawu lingankondlo yakwaLozojiba

Abathi beyisina babeyigobel’amadolo

Umkhont’obang’izililo

Obang’izinyembezi

Umkhosi uhlatshwe nguMampulo

Wathi:Ngiyabika!

Yehheni!

INdlavela ihlome ngesokusa{iButho elabuthwa iSilo u-Sobhuza}

Kwasa izimpunga zilele ngaphezulu

Lukhozi lumabhula ngezimpiko

Laph’imihlamb’idla khona

YawoNgangaza ka Mboko eNtonjeni

Ngoba ngihlangene noDlamini{uMbandzeni}

Eqhuba izinkomo

Eziqhuba ngeyeNdlunkulu

Emahalahala

Kwaba luteku lutekulwa nguMaja

Ehlezi noNgome[owakwaKhumalo}

Ethi: ‘Mema mntanami siye eNgudeni ‘

Ngingeze ngafuywa wugwayi wokwethekelwa

Ngingafunywa wugwayi wokuzimilela

Ludandane lukaMethulisiziba

Imbanjan’edliwa zindlovu

Aziyidli ziyinqum’amakhanda phezulu

Ushis’uMshadza ngeNdlavela kaMswazi

Abayimemeza bath’uphezulu uNgwane

Mkhathazi wezimvemve zabeSuthu

Bezishaya bezibethanisa lezo mvemve

AbeSuthu baka Mabhula nabaka Ssawane

 

#Ulibinda Nkosi

*INgwenyama u-Mbandzeni izele iNgwenyama u-Bhunu [uMahlokohla } , iNgwenyama u-Bhunu yona izele iNgwenyama u-Sobhuza wesibili , yona –ke izele iNgwenyama ebusayo iNgwenyama u-Makhosisizwe enguMalame weSilo sakwa Zulu esibusa manje , iSilo u-Misuzulu

 

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo