Izisho nezincazelo zazo{Isiqephu sesibili}
-{Isisho}
*{Incazelo}
-Ukuqunga isibindi
*Ukumisa isibindi
-Ukushaya ngemfe iphindiwe
*Ukukhohlisa umuntu
-Ukushaya ubhuqe
*Ukuqeda kungasali lutho
-Ukusha ngoCetshwayo
*Ukuhamba ngonyawo phansi ungazifakile izicathulo
-Ukushaya esibomvu
*Ukwesutha kakhulu
-Ukusa nasebukhweni bezinja
*Ukubalela kungabikho nefu
-Ukusha amathe neziqatha
*Ukuhlupheka uze uphelelwe yingqondo
-Ukuzwa ngoSibhincamakhasana
*Ukuzwa ngosizwile
-Ukuzwa amazni ngobhoko
*Ukuhlola ukuthi uzokwamukeleka kanjani .
-Ukuba ngangoZulu eya eMakheni , noma Ukuba ngangoZulu ebuthene eMlambongwenya
*Abantu , basuke bebaningi kakhulu
-Ukuzwa ngendaba
*Ukungaziboneli ngamehlo, ukuzwa nje kukhulunywa
-Ukuqhuma abathakathi
*Ukuphuma kwamanzinyo kumntwana omncane
-Ukukhipha umthakathi
*Ukuphalaza , ukukhipha inyongo
-Ukusukwa ugqozi
*Ukusukwa ngamadlingozi
-Ithambo elahlula impisi
*Into enzima kakhulu , engaxazululeki
-Ukusala empini
*Ukufa empini
-Ukuhambela nxanye njengenkalankala
*Ukushalaza
-Ukuhlala emanzini
*Ukuba sosizini ngenxa yikushonelwa
-Ukuhlakanipha ngamehlo
*Ukubukeka uhlakaniphile kodwa izenzo zibe zingasho
-Ukuhamba ngezinqe
*Ukweswela okokwembatha
-Ukuhaba amasoyi
*Ukusika amasoyi
-Ukuhlaba ihele
*Ukuhamba ngokulandelana
-Ukudla udledle
*Ukungazinzi ,ukungabi nasikhundla
-Ukubhudla imbudlane
*Ukushisa ubuthongo
-Ukubamba lentulo
*Ukulandela lokho okuzwa kuqala
-UKubambisa umnyama ongenafu
*Ukukhohlisa
-Ukubangwa nezibi
*Ukugulela ukufa
-Ukubanga umunyu
*Ukudala ubuhlungu bosizi
-UKubangwa nethuna
Ukugulela ukufa
-Ukucasha ngenhlamvu njengenkawu
*Ukucabanga ukuthi ucashile kanti uyabonwa
-Ukucasha ngesithupha
*Ubuwula bokucabanga ukuthi ucashile kanti uyabonwa
-Ukucele inselele
*Ukucela ukuba ningcwekisane ngezinduku. NgesiXhosa kuthiwa ‘Ukucela umngeni’
-Ukuba uchakijane
*Ukuba liqili , u-Chakijane wabe engowakwaSithole
-Ukucobhoza emcukwini ungavutshelwe wena
*Ukugxambukeka ezindaweni ezingaqondene nawe
-Ukubhedla indaba
*Ukubekela indaba isineke noma abanye beyiziba
-Ukungacushwa ngento
*Ukuyithanda kabi leyonto
-Ukuphathisa into okwezikhali zaMaNtungwa
*Ukuyiphatha kahle
-Ukucweba isiziba
*Ukuthuleka kungenzeki luttho
-Ukucela empunzini
*Ukubaleka
-Ukucela onyaweni
*Ukubaleka
-Ukucela indlela
*Ukuvalelisa
-Ukucela amaehlo
*Ukwenza into yikhona uzobukwa
-Ukudlana imilala
*Ukushayana izithende , ukuphikisana ngobuhle noma ngobubi
-Ukudla inguyazane
*Ukudla wedwa esithe
-Ukudla impundu
*Ukuba yisikhohlwa
-Ukudiliza isidleke seminyovu
*Ukuzilandela inkathazo izihlalele
-Ukudla amabele
*Ukuphila
-Ukudla anhlamvana
*Ukuphila
-Ukudla udaka
*UKuhlupheka
-Ukudla ezamahole
*Ukuzilethela inhlupheko ungaqondile
-Ukudla imbuya ngothi
*Ukuhlupheka
-Ukudla ubhedu
*Ukuba yingqwele
-Ukudla ngalukhezo lunye
*Ukuzwana
-Ukudla mfundambili njengemboma
*Umuntu ozicabangela yena yedwa
-Akudokwe eligayelwe mina
*Akundaba yami leyo , angingene ngalutho kuyo
-Ukwenqaka umuntu
*Ukuphazamisa umuntu esakhuluma
-Ukuhlala umuntu emadevini
*Ukuphazamisa umuntu esakhuluma
-Ukudonsa umuntu ngendlebe
*Ukweluleka
-Ukwephula ukhezo
*Ukuncela kwenkonyane kungafanele
-Ukwephula igula
*Isiko lokubhidliza ubuhlobo uma kuqomene izihlobo
-Ukwenza ezibukwayo
*Ukwenza into edonsa amaehlo amaningi , etusekayo
-Ukwethusa iphango
*Ukudla kancane noma ungezukusutha
-Ukubamba umoya
*Ukudla kancane noma ungezukusutha
-Ukuhlehla nyoza
*Ukuhamba kube yizithende phambili
-Ukuhlengezela izinyembezi
*Ukugcwala izinyembezi emehlweni
-Ukupha amehlo