Nina abakaSihlangu simagqabha sinamanxeba , uQasa lukaWASA inkomo esengwa yiViyo, uVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu . Thina sisaphila eMantungweni.
Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMasethole, ubizwa ngalelo gama ngoba wopha ubisi . Nginesiqiseko sokuthi iningi lethu liwazi njengomuthi wokulola uBhoko lweSisu. Impela kunjalo , izimpande zalo muthi ziwumuthi omkhulu wokulola iMbazo ka Mnumzana uma isithande ukuba buthuntu. Ziyakwazi ukusebenza zizodwa vo , zingaqhathwe naNduku. Ungazisebenzisa njengoQonsi , ngokuzigaya bese uzidla ekuseni ngobisi , wena owabona umuntu edla amaCornflakes. Noma uzidle ngomhluzi wenyama enganonile. Zibukhali impela kodwa ngeke zifike kuQonsi , noma uDlutshana\uDlutshani. Awukho uMvusankunzi ofana noQonsi , noma uDlutshana. AMasethole mahle uma eqhathwe nezinye . andisa kakhulu iSidoda kowesilisa.AMasethole ayangena nasemithini yeNzalo. Njengayo yonke iMvusankunzi nawo aMasethole abuye achathe, aye athakwe neminye imithi yeMvusankunzi.
Okunye okwenziwa aMasethole:
Ngaphandle kolucija uBhoko lweSisu aMasethole abuye ebulale izilo ezisiswini , ahlanze igazi , avule yonke imithambo engasasebenzi kahle kumuntu . Lona wumuthi onikeza amandla. Izimpande nexolo kuwumuthi omuhle wedliso . Kuye kubiliswe sekuthakwe nemithi efana noNtonganazibomva kube yiSiphungo sokubulala iDliso esifubeni. Izimpande nexolo kuyangena ezinsini zokusangana kwengqondo . Impuphu yempande yaMasethole iwuMbhemiso omuhle odambisa ikhanda elinkenkethayo. Impande yaMasethole iyangena eNdukwini yokulungisa iDlozi eliphenduliwe. Iyaphalaza , iyagquma iyageza. Iyangena futhi nakwezokugeza aManzamnyama. Impande yaMasethole iyangena embizeni yokwelapha amanzi anephunga elingelihle kowesifazana. Iye iqhathwe kakhulu neLabatheka , uGobho, uNsukumbili kanye nezinye. Kuningi okwenziwa yilo muthi , uyangena nasemithini eyakha iZizwe zokubhula , ithakwa neGalukuni kugcatshelwe kumuntu osuke efuna ukuzakhela ubuNgoma. Impande iyangena futhi naseNdukwini ephalazela ukukhipha iDliso. Iyangena futhi nasezinsini zokuqina .
Khumu!!