Incazelo ngeMinyela ( Copper-stemmed Corkwood\ uMhlunguthi\uNguboziyeweni )

 

Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi , uZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela . IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma . Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade .Ngethemba basaphila abeSilo kungumhla wamashumi amabili nambili kuEphreli{Mbasa} onyakaeni ka 2023 . Cha, thina sisaphila eMantungweni.

IMinyela:

Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiMinyela igama lawo lesiZulu, ubuye waziwe ngoNguboziyeweni.  Iningi lethu siwazela ekwaluseni ngoba impande yawo sakhula siyidla , inoshukela futhi ithambile ihlafuneka kalula. Bathi abanolwazi kubalulekile ukudla impande yeMinyela ngoba idambisa izifo ezithinta inhliziyo negazi. Lo muthi iMinyela kwenziwa ngawo izivalo zoShampeni kanye nezamaWayini. Lo muthi iMinyela umuthi olula kabi ukutshaleka , uvele umbele isigxobo sawo phansi bese uyazibambe ukhiphe amaqabunga, uzikhulele kahle kalula kanjalo nje. Umuthi ujulile lona , kulandwa ngawo umuntu omdala wesilisa ongasekho. Awugcini ngokumlanda kuphela , kuze kutshalwe nawo amaMinyela eDlinzeni lakhe akake iDlinza abe nguMthunzi wakhe. Kusuke kukholelwa ekutheni uma kwenziwa kanjalo lowo Mnumzana noma lelo Khehla liyoba iDlozi elihle ezinganeni zalo nakwiSizukulwane. Empeleni iMinyela kuthiwa akufanele litshalwe ebaleni ngoba lingumuthi waseMathuneni, kodwa bakhona abalitshalayo belitshalela ukuvimba ubuthakathi ngoba kahle-hle iMinyela lingumuthi owesatshwa kabi yiziMfene. Ngisho nasehlathini iziMfene azisondeli futhi azigibeli esihlahleni seMinyela. IMinyela liyangena entelezini yokuxosha iziPoki ezihluphayo endaweni , imimoya yabantu abashona bangabe besalandwa yimindeni yabo. Lihle kakhulu uma uzothatha uhambo lwasebusuku ngemoto , uphatha impande yalo emotweni .  Uyoze uzifikele lapho uyakhona ungazange uhlushwe yimimoya nezithunzi. IMinyela liyangena kwezokuqinisa iBhizinisi kwazise liyisihlahla esiqinile esingasheshi sife, esizibamba kalula uma sitshalwa, futhi esimelana nanoma iyiphi inhlobo  yesimo seZulu. IMinyela liyangena kwiZiphephetho. Liyangena kuMagobongo , liyangena futhi nakwizinsizi zokuqina. IMinyela lihle nasekukhipheni izichitho.Liyangena nakwiZibethelo zeZulu.

Ake ngime lapho nina abeThole lakokaDonda elihambe liwakhahlela amanye amathole ngoba likhahlele elakwaBulawayo , lakhahlela uMagaye kwaDubandlela!! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi. IMinyela libuye laziwe ngoNguboziyeweni. NgesiXhosa iMinyela libizwa ngoLonwabo , noma ngoMhlunguthi. NgesiNgisi kuthiwa yi-Copper-stemmed Corkwood, Igama lalo le Botanical lithi Commiphora harveyi.NgesiBhunu iMinyela balibiza ngeKoperstamkanniedood, noma Rooistamkanniedoood.

IMinyela


Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo