Incazelo ngoMlomomnandi\Liquorice\Glycyrrhiza glabr

Nina abakaMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele ,uNgalo zimqingo ziyakwazi ukuphatha iSibhamu sinjengezabeSuthu bakoFebane! INgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuwumhlaka wamashumi amathathu kuNdasa onyakeni ka 2023. Ngethemba bayaphila abeNdlovu enamandla. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMlomomnandi ngesiZulu, umuthi wezimanga lona, ungena ezindaweni eziningana. Izimpande zawo zinoshukela , uma uwudla unambitheka kamnandi ngokunoshukela. NgesiNgisi lo muthi ubizwa ngokuthi iLiquorice . Ngolimi loSosayensi ubizwa ngeGlycyrrhiza glabra. Angikakalitholi igama lawo lesiSuthu. Lo muthi usetshenziswa amazweni amaningi ikakhulukazi kwelaseChina. Lo muthi muhle kakhulu kwiMfiva nasezifeni ezithinta isifuba namaphaphu. Kuthiwa lena eChina bawusebenzisa kakhulu ngenkathi kuxake uKhuvethe, kuthiwa wabasiza kakhulu. Le Nduku lena emazweni kubuye kwenziwe ngayo iWayini, oSwidi , oShokoledi kanye nokunye.

Wenzani uMlomomnandi ?

Ngaphandle kokwelapha iMfiva kanye nesifuba lo muthi uMlomomnandi kuthiwa muhle kakhulu ekushiseni izilonda ezingaphakathi esiswini . Lezi mpande zawo enizibona esithombeni ziye ziphekwe, zibe yiSiphungo esiphuzelwa ukushisa izilonda ngaphakathi , emaphashini, ezibindini , esinyeni , ezinsweni nakuzona zonke izindawo ezingaphakathi esiswini somuntu. Lesi  Siphungo asisiboni isifuba esihamba nokukwehlela. Impande yalo muthi uMlomomnandi kuthiwa inhle kakhulu uma uyiququda, ibulala amagciwane ezinsinini zamazinyo futhi ihlanza amazinyo ahlanzeke aqine futhi abe mhlophe qwaba.

KwezaMakhathakhatha:

Lo muthi ubuye ugile izimanga, wenza izinto zenzeke. Uyangena eZibungeni zamaBhizinisi, uyandonsa futhi udonsa ngendlela exakile. Kusebenza yona le mpande eniyibonayo. Le mpande iphuzi ngaphakathi ifana neyoMdlandlovu. Lo muthi usebenza kakhulu kwezithinta imali, uyangena eMabuthweni athunywa ukuyolanda imali . izikweletu nokunye. Muhle  uma uwudla njengoShaphisi bese ufonela umuntu okukweletayo usengaphakathi emlonyeni, noma uwudle uma uxoxa noMphathi mayelana nokukhushulwa esikhundleni , noma mayelana nokukhushulelwa iHolo. Muhle futhi uma uwumuntu owejwayele ukukhuluma phambi kwabantu ,ikakhulukazi izinkumbi . Le Nduku inhle uma uzoyofesa, ukhafule ngawo umsebenzi uphinde uwudle njengoShaphisi uma ukhuluma nabaPhathi bamaNkampani osuke ufesa kuwo. Muhle kakhulu nakuBantu abangoSopolitiki. Le Nduku ibuye ithandwe amaSoka , akhafula ngayo intombi, ayayithaka futhi naseNdukwini yawo emhlophe yokuphalaza. Awuthaka nemithi efana noVelabahleke , uFoshela , uMusa, uVumakubangoma omhlophe , uMafunazayithole kanye neminye imithi . Muhle kakhulu lo muthi , uyangena nasemithini yokuhlonishwa uNkosikazi , wenza uNkosikazi angakhulumi iSinomikanjani nawe. Kuningi okwenziwa yile Nduku , nakwezeNhlanhla iyangena . Le Nduku iye isebenze kahle uma uqale wakhipha ibhadi ngokuphalaza ngemithi yeNhlanhla , imithi eMhlophe .


Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.

Niphile nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijeyeze abasini beNgoma.

 

UMlomomnandi

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo