Incazelo ngoMdakane (Apodytes dimidiate)

UMdakane

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !#ISilo uShaka leso! Nina beSilo ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi, ngethemba basaphila abeNkosi kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona kungumhla wesihlanu kuNcwaba (5 Ogasti) onyakeni ka 2023. Cha, thina sisaphila kwaSokhumalo. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMdakane igama lawo . Umuthi okhulayo impela lona nina beSilo kangangokuthi kuze kwenziwe ngawo izigxobo zokubiyela imizi, izibaya njalo njalo . Umuthi oqine kakhulu lona owenza amajokwe ezinkabi. Endulo kwakwenziwa ngawo impahla yokhuni efana neziGqiki, izigxobo kanye nokunye. Lo muthi ubizwa ngokuthi iTshiphopha ngesiVenda. Ka se Pedi bare ke Kgalagangwe, kapa Sephopha madi. NgesiSwati kuthiwa uMdzagame. AmaBhunu wona awubiza nge Witpeer. NgesiNgisi ubizwa nge White Pear, noma nge Bird ‘s eye. OSosayensi bona bawubiza nge Apodytes dimidiate.

WENZANI UMDAKANE?

Nina beMbube enamandla le Nduku ingumuthi omuhle wokubulala izilo ngaphakathi esiswini kubantu, kanye nasezilwaneni. Kuye kubiliswe izimpande zawo lo muthi , zibe yiMbiza eyophuzelwa iphinde ichathele ukubulala izilo kubantu . Le Mbiza ibuye ibe yinhle nasezilwaneni (imfuyo) ezigulayo ngenxa yezilo ezingaphakathi esiswini. Amacembe oMdakane aye agxotshwe , bese ethelwa amanzi abandayo , lawo manzi abe esiconsiselwa endlebeni ebuhlungu. Amacembe alo muthi abuye abiliswe abe yisithobo sezindawo ezindumbileyo. Izimpande zale Nduku ziyangena eNdukwini yokucupha umthakathi . Ziyangena futhi nasentelezini echela igceke.


Khumu!

Niphile nina abeLembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha, uDlondlwane luya luhlezi luya ludlondlobele! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo