
INSELE:
Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlele! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UHlabahlungu bazoshumayena abasezitheni nabasemakhaya!!#ISilo sakithi KwaDukuza leso iSilo uShaka ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Sisaphila thina kwaSokhumalo .****Nina beSilo lolu hlobo lwesilwane enilubonayo kuthiwa iNsele igama lalo. INsele idume kakhulu ngokwemba izinyosi , izitape , izidle .Uma isisuthi izishiye kanjalo zigcine zidliwe ngabafana abalusayo. Kukhona neSisho esithi “Zimbiwe yiNsele yazishiya” .Leso Sisho sisetshenziswa uma kukhulunywa ngobuningi noma ngokwanda kwento ewukudla .INsele ibuye idle nezinyoka , iyakwazi ukubulala izinyoka eziyingozi ezifana neziMamba , iziMfezi kanye nezinye. *Akuyona iNyengelezi lena !! Futhi akulona iQaqa.
INsele:
INsele iyisilwane esincane kodwa esilwa ngendlela exakile. Ixosha ize ixoshe nezilwane ezinkulu ezifana neziNgwe, ngisho namaBhubesi imbala. Ayihlehli uma ilwa, ilwa iya phambili. INsele uma ilwa iye isiqinise isikhumba sayo kangangokuthi kuye kungangeni zinyo lesilwane , ngisho neleBhubesi imbala. Inamandla iNsele , ayihlehli nhlobo uma ilwa. * Ubuqhawe noma ngithi amandla eNsele enza ingene kwezokulwa. Ingena eMabhandeni okulwa, kwezokungcweka eMgangeleni , kwezokushaya iSibhakela njalo njalo . INsele iyangena futhi nasemithini yokuqina. INsele ibuye ingene nakwezokudonsa, kwezamaBhizinisi , liyaqina iBhizinisi elisetshenzwe ngeNsele ,lisimame. INsele iyangena nakwezokuqinisa izingane , iye ithakwe nezinye izilwane kanye neminye imithi . Ingena naseZincwebeni.
Khumu!!
Niphile nina beSILO. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”