Incazelo ngoCalakalithethethwa (uNdodakayiphikiswa)

UCALAKALITHETHWA:

Nina abaka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu, uMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela!ISikhukhulane sika Ndaba esikhukhule oMame sabetshwatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!! #ISilo uMpande leso ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.

Wenzani uCalakalithethwa?

Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngoCalakathethwa. Olunye uhlobo lweNtuma lolu oluthi uma lukhula lukhule lwenabe.Luthela ezithelo ezibomvu ezinjengezikaTamatisi. Njengoba negama nalo lizosho ,ngale Nduku kuye kugotshwe ngayo  iziMantshi emacaleni. Le Nduku nina beSilo  kwezamacala iye yeqhathwe  nayo iNtuma , uMayime, uMabopha kanye nezinye iziNduku.Iyageza le Nduku nina beSilo , iyakhothwa  , kanti ibuye igqume futhi.Kusebenza impande kuleNduku. UCalakalithelwa uyinqinda amandla iMantshi ivele ikhonze uMsolwa , lihlehle liphindelela icala lize ligcine seliphelele emoyeni agcine ezidlele uMhlanganiso uMsolwa.Abanye baye bafake impande ka Calakalithethwa ngaphansi konyawo  uma bezoya emacaleni. Impande ka Calakalithethwa ibuye iphathwe ezimotweni kwenzelwe  ukuvika ezikaDalawana. Njengayo nje iNtuma ngoba nayo impande yayo iye iphathwe ezimotweni. Impande ka Calakalithethwa ibuye ithakwe kwezokwesetshwa .Umuntu odla iNduku ethweke uCalakalithethwa  ukhuluma  kuzwakale , futhi ukhuluma  aze ayiqede inkulumo yethu ngaphandle kokuphazanyiso, kuyileso sizathu-ke le Nduku ibuye ibizwe ngoNdodakayiphikiswa. Kanti noDade nabo bayawusebenzisa uCalakalithethwa ngokuwuthaka kwezeNtando , bathambisa ngawo aBayeni babo, athambe uMyeni abe uTamatisi, abe yiNdojeyana. NamaSoka nawo ayawuthaka emithini yawo yoBusoka ewukathekela ukuthambisa intombi enolaka.

Khumu!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo