Incazelo ngeNkankane   (Hadada ibis)

INkankane (Hadada ibis)

AMankankane uhlobo lwezinyoni  okukholelwa ekutheni luhlola okubi. Umbala waMankankane unkankane ,kodwa uma uqala ukuwabona aMankankane , kuba ngathi umbala wawo unsundu nokukhatheleyo..Lihle iNkankane, okubi ngalo alihloli inhlanhla *Kuthiwa uma like lwadabula phambi kwakho osohambweni usuke uzoba namashwa.. Liyavela igama leNkankane ezibongweni zeNgonyama uShaka uma kuthiwa

‘OHlangene nodwendwe lwaMankankane mhla eyodla aMampondo iziphukuphuku’…. Nani boFaku, Nani noGambushe…..Kuthiwa iNkankane uma libeka amaqanda liye libeke amabili njengeJuba ,kulawo amaqanda akwenzeki ukuba ubulili bufane . Njengalo nje  iJuba .  Abafana bazifunda ekwaluseni zonke iziny‎oni abahlalisana nazo. Bafunda namagama azo, bafunde nezikhathi ezifika ngazo, kanye nezikhathi ezihamba ngazo uma kuyilezo ezibuye zimuke.****Izinsizwa uma ziphume inqina yokuyozingela zikholelwa ekutheni kuyishwa elikhulu ukuhlangana naMankankane uma umuntu eyozingela.  Amankankane izinyoni ezithe chithi saka nezinkalo zonke zakwaZulu. Iyezwakala imilozi yemishungu yamankankane ntambama uma ilanga selibantu bahle.

INkankane kwezaMakhathakhatha :


Inhliziyo yeNkankane izinyanga ziyayithaka emuthini wentando(iGobondela) . Ziyixuba neminye imithi bese kuphuma umuthi wentando ohamba phambili ngoba ngokuvamile amankankane ahamba ngamabili , iqhude nesikhukhukazi . Kanti nalo iNkankane eliphelele liyangena emithini yeziko lezinkomo .. INkankane libuye laziwe ngokuthi yi”Ngangane”

Khumu!!

Niphile nina beZulu eliphezulu .Thola olunya ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo