Incazelo ngoMababaza  ( Albuca nelsonii)

UMABABAZA:

Nina abakaMkhumbi gudluka sibone amaGumgedlela! USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilimo! UMagalela agase njengenkosi yamaNtshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu!….#ISilo uDinuzulu leso , iSilo sakithi oSuthu. Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeSilo. Sisaphila thina kwaSokhumalo . Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMababaza igama layo .Kuye kusetshenziswe isigaxa kule Nduku, siyaluma sifana nesiNtonganazibomvana.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku uMababaza ingena kwezokubethela ikhaya .Iyangena futhi nakwezokuchela ikhaya ixoxshe imimoya emibi. Le Nduku nina beSilo kuye kuchelwe ngayo ikhaya uma kuzoba nomcimbi, kuphinde kuchelwe ngayo futhi uma umcimbi usuchithekile , sebehambile abantu.  Nina beSilo le Nduku iyangena kwiSibambelelo . Iyangena futhi le Nduku kwezokukhipha isilwane . Iyangena le Nduku kwezokukhipha isichitho . Le Nduku iyangena kwiZikhafulo zokulanda ,kumabutho athunywa ukuyolanda. Le Nduku iyangena kwezesithunzi , uma ufuna abantu bakuhloniphe. Le Nduku iyangena futhi kwezokukhushulwa emsebenzini, umuntu abe nesikhundla esiphezulu. Le Nduku iyangena kwezokuthandeka . Le Nduku yinhle futhi nasekucheleni iBhizinisi,iyayixosha imimoya emibi. YiNtelezi lena nina beSilo.

Khumu!!


Niphile nina beSilo. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo