Umlando ngoNdlunkulu uMonase ka Mntungwa Nxumalo 

ENDONDAKUSUKA:

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZukwini ! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!#ISilo uMpande leso.. Nina beSilo ake sibheke umlando ngoNdlunkulu uMonase Nxumalo , uNdlunkulu weSilo uMpande .. Wayebongwa ngokuthi

USidididi! Umbiliniwezinkabi, Udladlalikhangomkhonto, Amakhosikaziedlangezinqindi, Umfazionesilevunjengendoda.

Ngokusho koSomlando kuthiwa uNdlunkulu uMonase wayezalwe ngowe 1797 , ukusho ukuthi wazalwa kusabusa inkosi uSenzangakhona KwaZulu. Kuthiwa wakhothama ngowe 1880 sekubusa iSilo uCetshwayo kwaZulu. Uyise kwakunguMntungwa wakwaNxumalo. Ngokusho kwababhali bangaphambilini abafana noVilakazi noNyembezi kuthiwa uNdlunkulu uMonase wabe eyintombi yeSilo uShaka okwathi lapho iSilo uShaka sesibona ukuthi wayesemumethe sabe sesimedlulisela kuMnawaso uMntwana uMpande . Kuthiwa leyo ngane ayayeyimuthe kwakunguMntwana uMbuyazwe\Mbuyazi . Lowo mlando asazi noma uyiqiniso yini ngoba ubuye ushayisane nomlando wokubuthwa kwaBantwana beSilo uMpande . UMntwana uMbuyazwe wabuthelwa eButhweni uThulwane elalibuye laziwe ngaMamboza. Ibutho uThulwane labuthwa yiSilo uMpande ngowe 1854 . Ngokomlando obhalwe phansi iningi lezinsizwa zebutho uThulwane zazizalwe ngowe 1834, iLembe lona lakhothama ngowe 1834. Uma ngempela uMntwana uMbuyazwe wayezalwa yiLembe , kwakufanele abuthwe yiSilo uDingane ngowe 1839 ngoba phela endulo  izinsizwa zazibuthwa zineminyaka engamashumi amabili(20). Mhlawumbe ukubuthwa kukaMntwana uMbuyazwe kwaphazanyiswa wukuwelela eSilungwini kukaMntwana uMpande okwenzeka ngenkathi uMntwana uMpande  ebalekela ulaka lweSilo uDingane ngowe 1839. Asidlule lapho……………………**Njengoba besengishilo nina beSilo , kuthiwa uNdlunkulu uMonase wayekade eyintombi yeLembe nokwathi uma iLembe selisola ukuthi wayesekhulelwe labe selimedlulisela ngakuMntwana uMntwana.Kuthiwa esengokaMntwana uMpande wafika wazala indodana eyethiwa igama kwathiwa inguMbuyazwe \Mbuyazi.. Kuthiwa iSilo uMpande sesibusa samakhela isigodlo ngasezintabeni zaseMfaba , ngasosebeni lweMfolozi emhlophe oluseningizimu.UNdlunkulu uMonase waqhubeka wazala abanye aBantwana esingabala kubo uMntwana uMkhungo, uMntwana uMantantashiya, uMntwana u Hloyisile(intombazane) kanye nabanye . ***Kuthiwa ngenkathi kulwa aBantwana oCetshwayo noMbuyazwe eNdondakusuka uNdlunkulu uMonase wachema nendodana yakhe uMbuyazwe .Kanti indodana yakhe izolugoba uphondo, igcine ibulawe yiMpi yoSuthu okuyiMpi ka Mntwana uCetshwayo . Kuthiwa uMbuyazwe wakhothamela ngasoThukela , webulawa yilona uSuthu . Abalandeli bakaMntwana uMbuyazwe babezibiza ngeZigqoza, abakaMntwana uCetshwayo babezibiza ngoSuthu***Kwathi lapho sezehluliwe iZigqoza noMntwana uMbuyazwe esebulewe uNdlunkulu uMonase naBantwana bakhe oMkhungo  bakubona kukuhle ukuba babalekele ngaseSilungwini kuSomtswewu ka Sonzica (Sir Theophilus Shepstone ) .   Sebefikile eSilungwini uSomtswewu wababeka ngaphansi kweNduna yakhe uNgoza ka Ludaba wakwaMajozi. UNdlunkulu uMonase wahlala khona eSilungwini waze wazikhothamela ngokwejwayelekile , esemdala .Wakhothama ngowe 1880 sekubusa iSilo uCetshwayo ..


 

Khumu!!

Niphile nina beSilo .Thola ulwazi ngamakhambi esintu kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV””

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo