Incazelo ngeNdlabaloyi (iNduku)

UMdwebo woMthakathi endiza, ephekelele ukuyothakatha:

Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela!! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMancengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala…..#ISilo uShaka leso , iSilo sakithi kwaDukuza . Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeSilo. Sisaphila thina kwaSokhumalo.

Yini iNdlabaloyi .

Nina beSilo iNdlabaloyi umuthi onamandla kakhulu ongena kwezokucupha nakwezokuphindisa. Anginaso isithombe sawo okwamanje kodwa wona uyatholakala eFaradeyi. Ngizokwenza iVido uma sengithole isithombe sawo. INdlabaloyi ingena kwezokucupha umthakathi. Iyingozi kakhulu iNdlabaloyi ifana noQeduhlobo -iyabulala . Alufakwa lubuya nodaka. Iyangena futhi iNdlabaloyi kwezokuchela ikhaya. Kuleyo ndawo iNdlabaloyi iye ithakwe neziNduku ezifana noSelepe obomvu , iSibhaha kanye nezinye…  Iyangena iNdlabaloyi kwezokuphindisa aManzamnyama. Kuleyo ndawo iye igiye neziNduku ezifana noQeduhlobo, uMantingwe(uManzamnyama), iMpinda , iSibhaha kanye nezinye iziNduku. Iyangena iNdlabaloyi kwezokuziqinisa. Iyangena nakwezezitha.. Iyangena iNdlabaloyi kwezokukhipha isilwane. Iyangena iNdlabaloyi kwezokususa izinto zabakhunkuli , kungaba izinto ezisemzimbeni noma ekhaya egcekeni. Iyangena kwezokususa isichitho. Kuye kusetshenziswe igxolo noma impande . INdlabaloyi iyagquma , iyancindwa(iyakhafula) , iyaphalaza ibuye igeze futhi ..

Khumu!


Niphile nina beZulu eliphezulu.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo