Incazelo ngeKhakhasi  (Poppy Mexicana)

IKHAKHASI::

Nina abeGwalagwala lika Menzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela ! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu! UThambekeka wena owaliwayo thambeka wawuswe iNtambanana nangezinyembezi . Nina beSilo le Nduku eniyibona kuthiwa yiKhakhasi igama layo. NgesiLungu ibizwa ngePoppy mexicana, noma Mexican poppy . Kule Nduku kuye kusetshenziswe sonke isithombo.

Lenzani iKhakhasi?

Nina beSilo amakhasi ale Nduku awumuthi omuhle wamehlo abuhlungu ,  akhala nezinyembezi. Aye akhiwe impela abe maningi , bese eyagxotshwa . Agxotshwa esemasha impela ngalo lolo suku asuke ekhiwe ngalo ukuze kuphume inkovu yawo , ikhanyelwe esitsheni esihle esihlanzekile, icwengisiswe kahle kuphume yonke into engadingeki, kusale yona inkovu. Leyo nkovu-ke yiyona kanye econsiselwa ehlweni noma emehlweni abuhlungu. Le Nduku nina beSilo ibuye idambise inhlungu yoMdlavuza weSibeletho . Kuye kuphekwe sonke isithombo sayo , amakhasi kanye nezimpande , kwenziwe iSiphungo esiyophungwa umuntu ohlushwa uMdlavuza weSibeletho. Sona kanye lesi Siphungo sibuye sidambise noMfutho ophakeme wegazi phecelezi High Blood Pressure, okuyinkinga eyaziwa kakhulu ngele Hhayihhayi. Sona kanye lesi Siphungo sibuye sehlise noshukela emuntwini. Sona kanye lesi Siphungo sibuye sishise  nezilonda emaphashini , ezibindini esibelethweni kanye nakuzo zonke izindawo zangaphakathi. Isithombo sale Nduku le siye sigxotshwe , bese siyenekwa size some , uma sesomile siye sishiswe kwenziwe insizi eyonanyelwa ezilondeni nasemanxebeni avulekile, le nsizi iyasebenza nasezilwaneni. Izimpande zeKhakhasi ziyangena eziMbizeni zokucija uBhoko lweSisu kanye nakwezokwelapha izifo zocansi..

Khumu!!


Niphile nina abakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni !#INkosi uMalandela leyo! Vakshela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe xaxa ngempande.

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo