Incazelo ngoLimi lwenkomo  (Berkheya setifera)

ULIMI LWENKOMO:

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UVezi kofa abantu kosala izibongo ,yizona eziyosala zibadabula , yizona eziyosala zibalilela emanxiweni…..#ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu.. Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Le Nduku eniyibonayo kuthiwa uLimi lwenkomo ngesiZulu. Ka se Pedi bare Leleleme la khomo, kapa Ntsoantsane.

Lwenzani uLimi lwenkomo?

Nina beSilo le Nduku isiza kakhulu uma ngabe umuntu wesifazane ephethwe yiSinye, kuye kuphekwe izimpande  zayo le Nduku ,kwenziwe ngaso iSiphungo esiyophuzwa umuntu wesifazane onezinhlungu esinyeni. Lesi Siphungo sicima zonke izilonda esinyeni kanye nakuyona yonke imithambo , sicima nenhlungu ezwiwa umuntu wesifazane uma eshobinga, senza umuntu wesifane ashobinge ngokukhululeka futhi ngokwejwayelekile. ISithombo sonke sale Nduku siye siphekwe sibe yimbiza eyophuzwa umuntu ophetwe uTwayi, le mbiza iphinde ichathe umuntu onenkinga efanayo. Le mbiza yinhle kakhulu nasekuqedeni ukuluma komzimba wonke nje jikelele. Inkovu yamakhasi ale Nduku kwelashwa ngayo amehlo abuhlungu .Kuye kuxotshwe amakhasi ale Nduku bese  kuthelwa amanzana afudumele ,bese kuacwengwa kahle kuconsiselwe ehlweni elibuhlungu , noma emehlweni abuhlungu. Isigaxa sale Nduku siyangena ezimbizeni zenzalo zabesifazane . Impuphu yesithombo sonke sale Nduku ingumuthi wamanxeba , iye inanyekwe ezilondeni nasemanxabeni omuntu noma awesilwane .


Khumu!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV’ uthole ulwazi oluthe xaxa ngeziNduku.

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo