
UMavulakuvaliwe.
Incazelo ngoMavulakuvaliwe
Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana,abasezitheni nabasemakhaya.UShaka ngiyesaba ukuthi uShaka,uShaka kwakuyinkosi yaseMashobeni.IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.Enhla nasezansi ngibabingelela bonke abeSilo kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona,ngethemba isaphila.Cha, sisaphila thina eMantungweni.
UMavulakuvaliwe
Nina beSilo nango-ke uMavulakuvaliwe.Le Nduku esemndeni wemithi ebizwa ngama-Yucca plants, okusewumndeni obandakanya imithi ifana noManzamhlophe, uHalibhuma njalo njalo . Nina beSilo ngezingxabu zale Nduku sivula konke okuvaliwe. Nomsebenzi siyawuvula la! NeShayina uma liwuNgoqo lingafuni nemali ngale Nduku siyalikhafula liyededele imali. Nentombi uma ingafuni uqoma ngale Nduku siyayikhafula luhlangane uCu ngokuphazima kweSo. Le Nduku yinhle kabi uma uzoyiqhatha nabangane bayo oMwelela kweliphesheya , aBangqongqozi,uMzaneno, iNtuma kanye nezinye iziNduku bese ukhafula noma yini oyifunayo. Iyangena le Nduku nakwezokuphalazela ukuvula izindlela , igijima noNhlanhlemhlophe, uMfazothethayo (uQhume),uBhubhubhu,uMwelela, uNdlelazimhlophe kanye neminye imithi yenhlanhla ebuye ibe yimithi yeDlozi. Lapha sibuye sigeze ,sibuye sigqume futhi ngalezi ziNduku ezingenhla. Le Nduku iyatshalwa nasekhaya itshalelwe ukuvimba imimoya emibi kanye nokuletha izinhlanhla. Ithandwa kakhulu ngabaMhlophe, baze babiyele ngayo imizi yabo ibe uthango ikake umuzi. Uma itshalwe ekhaya uMthakathi uyagqilazeka ngaleNduku ngisho noma evakashile nje kusemini kwaBha, ifana noSelepe obomvu. Ingxabu yayo iyashiswa kanye namafutha eGalukuni uma sekuhlwile ishiselwe ukuxosha abathakathi nezinto zabo. Le Nduku iyangena kwezokucupha ikhaya.
Khumu.
Niphile nina beSilo. Thola olunye ulwazi ku Kholo Khumalo TV You Tube .
enkosi mkhulu yintoni ingxam