Incazelo ngoMunga   (Acacia karoo)

UMunga (Acacia karro)

Nina abeZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ! UHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi!! ,,,,,,,,,,,,,,,,,,,,ISilo uCetshwayo leso , iSilo sakithi oNdini. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu.

UMunga:

Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMunga igama layo. NgesiLungu ibizwa ngeAcacia karroo. Ziningi -ke izinhlobo zeMinga ngoba noMkhanyakude laba kusengolunye uhlobo loMunga . OMkhamba laba(uSakhayedwa) nabo kusengolunye uhlobo loMunga. Okuqhaphelekayo ngoMunga wukuthi zonke zinhlobo zeMinga zithandwa uMphezulu,kangangokuthi neSilo uCetshwayo saze zaqanjwa izibongo ezithinta wona uMunga um akuthiwa  (uZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ) . UMtholo nawo olunye uhlobo loMunga oluthandwa uMphezulu. Lezo zihasho zichaza ukuthi uJininindi wayevele ahlasele nje kungalindelekile. **Nina beSilo ixolo loMunga lihle kakhulu ekugezeni umuntu obangwa ziDalwa. Liyangena oKhambeni lokuphalaza , ekugqumeni kanye nasekugezeni umuntu ovalekelwe yizinto ngesizathu sokubangwa iziDalwa. Kanti lingakusebenzela futhi ugeze waphinde wagquma ngalo lilodwa vo, wakhuluma nazo zombili izinhlangothi zakwenu,wazicela ukuba azehlele ngezansi. Izithelo zoMunga (eziseluhlaza ngombala ngoba ziba nsundu uma sezomile) zithandwa izimbuzi. Zinona zidabuke izimbuzi ezidla izithelo zoMunga kwazise zibulala izilo/izikelemu esiswini seMbuzi. Impande yoMunga iye ibiliswe kwenziwe iSiphungo esiphungwa umuntu ophethwe isisu segazi. Impande yoMunga iyangena nasezimbizeni zokwelapha izifo zocansi, iyangena futhi nakwezokuqinisa uBhoko lweSisu..

*UMkhanyakude –Acacia xanthophloea
*UMtholo –Acacia caffra
*UMkhamba \uSakhayadwa —Acacia sieberiana woodii

Khumu!

 


Niphile nina beSilo .Thola ulwazi oluthe thuthu kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo