Umlando ngoNongila Mabaso

UMlingisi uMduduzi Mabaso:

Nina beSilo ake sibheke umlando ngoNongila Mabaso . Ababhali bangaphambilini abakuvezi ukuthi uNongila wayezalwa ubani uNongila. Abamvezi uBaba wakhe.

UNongila eSandlwana wasebenza kakhulu njengenhloli enkulu kaZulu. Nguyena owayebheka yonke iminyakazo yamaNgisi bese eyobikela iSilo uJininindi (iSilo uCetshwayo).Lokho wayekwenza ngokukhulu ukukhalipha kwazise ukhakhayi lwaseluqile kuye ngoba ubunhloli lobu wayebuqale ngesikhathi senkosi  uSenzangakhona . Wayebuthelwe ebuthweni iNtontela nokuyibutho elalimbandakanya oNdlela ka Sompisi Ntuli, oHlathi ka Ntopho Ntshangase . OHlathi noNdlela bakhumbuleka kakhulu empini yakwaGqokli ngenkathi iSilo uShaka silwa neNkosi uZwide , kuleyompi oHlathi noNdlela balwa ngobuqhawe obukhulu . Kukuleyompi lapho oHlathi noNdlela bathelwa khona ngethala lemikhonto bethelwa izinsizwa zakwaNdwandwe basala enkundleni beyimindonda . Kuthiwa iNgonyama uShaka yakhipha umyalelo owawuthi akuyiwe lapho babelele khona kuyolandwa imizimba yabo . Kuthiwa bathi uma befika kuleyo ndawo uMxhamama Sibisi washo izibongo zamakhosi akwaZulu kusuka enkosini uMalandela nokwakuyindlela yokuthetha nawo ngalawo maqhawe oNdlela noHlathi . Kuthiwa lathi ilanga seliyoshona bavuka qingqo. Kuthiwa imizimba yayingabonakali ngamanxeba emikhonto .

UNongila ukuba inhloli yakwaZulu wakuqala ngesikhathi sikaMjokwane, wedlulela eSilweni uShaka.Kwathi ngesikhathi seNgonyama uDingane lagqabuka igoda okwesikhashana, baxabana neNgonyama uDingane eyangizwani nhlobo nabantu ababekhonzwe yiSilo uShaka. Wabaleka  uNongila waya eKoloni kwazise izwe leNkosi uHinsa wayelazi kahle ngoba wayejwayele ukuya  kulo. Aah!! Zanzolo!! UNongila wayeyingxenye yethimba elaliholwa uSotobe kaMpangalala wakwaSibiya elalithunywe yiLembe eNgilandi .Kodwa lelo thimba lagcina liphelele eKoloni langafika eNkosini uJoji wesine . UNongila wayehamba aze ayofika koKoloni , eKoloni wayefike athole ngakho konke okwakwenzeka kwaXhosa ngoJacob Msimbithi owayeyisiboshwa sakwaNjomase(Robin Island) , wayebuye abe nguMhumushi waMaNgisi.  . UMsimbithi kuthiwa wayesazi isiXhosa , isiZulu kanye nesiNgisi  . AmaNgisi agcina emethe igama athi unguJacob . NeLembe nalo kuthiwa lalimkhonze kakhulu uMsimbithi  . Lona -ke lametha igama elithi unguHlambambanzi . Kuthiwa lathi unguHlambamanzi ngoba wasinda emkhunjini wamaNgisi owacwila wabulala wonke amaNgisi ayekuwo kodwa yena uMsimbithi wahlamba waze wayophumela ngaphandle esibathini esomile. Le nsizwa uHlambamanzi kuthiwa amaNgisi ayeyithathe endaweni yagcina yaziwa ngokuthi kuseMtumatuba . Le nsizwa ize yagcina isikhuluma ulimi lwesiXhosa kodwa yayingeyena uMxhosa ngokwendabuko. Yayixhumene kakhulu naBakhwanazi . AmaNgisi ayithandela ikhono layo lokusheshe ibambe amagama. Abe esiyithatha-ke ashona nayo eKoloni ayoyiqeqeshela ukuthi ibe uMhumushi . Yayilubona lonke unya olwalwenziwa ngamaNgisi kubantu abansundu . Zonke izinto ezimbi ezazeka kwaXhosa iSilo uShaka sasazi ngazo , sizithola kuye uHlambamanzi ngoNongila waseMantungweni. Naye uHlambamanzi wayazi ngakho konke olwakwenzeka kwaZulu, wayexoxelwa uNongila Mabaso. UNongila akucaci kahle ukuthi kwakungubani uBaba wakhe kuhlawumbiselwa ukuthi kwakunguNdaba wakhona kwaMabaso. Lokho kufakazelwa izibongo zakhe ezithi ” unguNomayekethe ka Ndaba ome phezu kwesicongo seSandlwana!! Uthe uma ehla okaNdaba  kwethuka uThukela! Zintaba zoNdi noKhahlamba benikuphi na?””……..Kwahamba kwahamba iLembe laba nesifiso esikhulu sokubonana naNgcithabuchopho enguMsimbithi. Ngempela bagcina bebonene ngowe 1824 ngenkathi idlanzana laMaNgisi elaliholwa uHenry Fynn wokuqala lizokhonza kwaZulu .Lelo dlanzana lalikanye naye uMsimbithi .Nguyena owayehumusha ngenkathi oFynn befakana imilomo neNgonyama uShaka. Njengoba besengike ngasho ngenhla ukuthi uNongila wabaleka kwaZulu ebalekela ulaka lweSilo uDingane kodwa kwathi ngowe 1840 iSilo uMpande sathumela izithunywa zaso ukuba ziyolanda uNongila eKoloni . Ngempela wabuya uNongila wazoqhubeka lapho ayegcine khona ngomsebenzi wakhe wobunhloli . Kwathi ngemuva kokukhothama kweSilo sakwaNodwengu uNongila waqhubeka ngokuba inhloli yakwaZulu ngaphansi kweSilo uCetshwayo iSilo sasoNdini .  Waba ngomunye wabamba iqhaza empini yaseSandlwana mhla uZulu uzidlela amahlanga kumaNgisi ngowe 1879 mhla zingama 22 kuMasingana.


Umuzi kaNongila wawuseGingindlovu nokuyilapho ashonela khona ngemuva kwempi yaseSandlwana.

Niphile nina beSilo .*Thola olwazi ngamakhambi eSintu ku You Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

 

 

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo