Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INzima ewukwena koMkhumbane khona kwena kungafakwa lunyawo! #ISilo uDingane leso . Enhla nasezansi ngethemba nisaphila nina beSilo.**Le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMnyamathi igama layo, ibuye yaziwe ngelikaMathunzentaba. NgesiLungu ibizwa ngeEkebergia capensis noma Cash ash
Wenzani uMnyamathi ?
Le Nduku iwumuthi omkhulu okwakha isithunzi .Igxolo laleNduku liye lithakwe kwezophalaza , kwezokugeza liphinde ithakwe nakwezokugqumela ukwakha isithunzi . Igxolo lo Mnyamathi libuye lithakwe nakwezokususa isidina, kwezokukhipha amabhadi kanye nakwezokukhipha isilwane. Igxolo likaMathunzentaba lihle nakwezokususa amathunzi, ekugezeni abantu abahlushwa izithunzi zabantu abababulala. Kuye kuphalazwe ngalo igxolo loMnyamathi lithakwe nezinye iziNduku , kugqunywe kuphinde kugezwe . Kugezelwa ehlathini esidulini, noma ngaphansi kwawo uMnyamathi. Awuhambi wodwa , uye uqhathwe neminye imithi. Igxolo loMnyamathi lihle naseMabhandeni naseZincwebeni zokulwa nezokuvika.. Igxolo loMnyamathi liyangena nasezinsini zaMafufunyana phecelezi iZizwe. Impande yoMnyamathi ingena kakhulu ezifeni ezithinta isifuba , amadliso nokunye. Amacembe kaMathunzentaba angena emiBhemisweni yabagula ngengqondo. Aye onyiswe kuqala ngaphambi kokuba agaywe. Amacembe ale Nduku asemanzi aye aphekwe abe yiSiphungo esiphuzelwa ukubulala izilo esiswini.
Khumu!
Niphile nina beSilo.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”