Incazelo ngeKhowa lesihlahla

Turkey tail (iKhowa lesihlahla)

Nina abakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilimo! UMagalela agase njengeNkosi yaMantshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu! UMkhumbi gudluka sibone amaGumgedlela! #ISilo uDinuzulu leso , iSilo sakithi oSuthu. Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeSilo.

IKhowa elimila esihlahleni

Nina beSilo lena enye yeziNduku ezimandla kakhulu kodwa ezedelelekile. Lolu hlobo lweKhowa lumila esihlahleni , ngesiLungu lubizwa ngeTurkey tail ngoba lumise okomsila weGalukini. ITurkey kushiwo iGalukuni. Phela iGalukuni libizwa ngokuthi yi-Turkey ngesiLungu. Akuyona iNkowankowane lena nina beSilo.  Le Nduku nina beSilo yinhle kakhulu ezinsini zamaLumbo , ezikhothwayo kanye nezigcatshelwayo. Yinhle nasezinsini ezikhothwayo zoMhluma.  Yinhle futhi nakwezokuphindisa . IyiNduku elwa kakhulu le Nduku .Iyangena nakwezokucupha iThuna. Iyangena futhi kwezokugeza kanye nakwezokuphindisa aManzamnyama.Yinhle kakhulu nakwezokuqinisa uMsamo ukuze ungaphehleki ngaManzamnyama futhi neDlozi lingaphenduleki. Iyalwa le Nduku nina beSilo futhi iyabulala , ifana noQeduhlobo(uMuzi owawulapha wayangaphi). Umuntu ophehla uMsamo oqiniswe ngale Nduku kushayeka yena . Le Nduku ibuye igaywe bese ifakwa ekudleni kwenja edliswe uShevu. INduku elwayo lena. Kwamanye amaZwe le Nduku iye igaywe bese ifakwa kuma-Tea Bags kwenziwe  iTiye elinqinda amandla zonke izinhlobo zoMdlavuka (Cancer)

Khumu!


Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo