Incazelo ngoMsululu    (  Euphorbia tirucalli )

UMsululu

Nina abakaQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! Imbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba basaphila.Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMsululu igama layo .Le Nduku iwuhlobo loMhlonhlo, isemndeni wezihlahla ezibizwa ngokuthi “amaEuphorbia plant” okuwumndeni obandakanya izihlahla ezifana noMdolofiya, Abaphaphi , uMhlonhlo wentaba kanye nezinye . Le Nduku yopha ubisi oluyingozi kakhulu emehlweni omuntu noma awesilwane.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku iye itshalwe ekhaya ukuze ivikele ikhaya ekushayweni uMphezulu. Nokho iye idinge ukuqashelwa ngoba ithandwa kakhulu iMamba eluhlaza phecelezi Green Mamba, okuyinyoka eyingozi kakhulu. Uma kuzoduma izulu ekhaya iye igencwe kancane ngoCelemba ukuze yophe  ubisi , okuyilona okuthiwa luvika uMphezulu. Ubisi lwale Nduku luhle kakhulu ezilondeni , ezinduneni kanye nakwizinsumpa. Impande yale Nduku yinhle kakhulu kwezomzimba omubi. Iyangena ezimbizeni eziphuzwayo kanye nakwezichathayo zichathele umzimba omubi. Impande yale Nduku yinhle nakwezokucija uBhoko lweSisu, ishisa izilonda ngaphakathi,ivule nemithambo yemizwa.

Khumu!!


Niphile nina beSilo.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu soihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo