Umlando ngempi yaMakhanda

Impi yaMakhanda

Impi yaMakhanda yalwa ngowe 1906 ,lempi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaKhandampondo ,noma yimpi kaBhambatha . UBhambatha lona wayengowakwaZondi ,eyinkosi yakhona ,ezalwa inkosi u-Mancinza . Nguyena owabe ehola lempi ,ebambisene nenkosi u-Sigananda kaZwekufa inkosi yaMachube akwaShezi . Lempi yayiphakathi kukaZulu namaNgisi ,ngaleso sikhathi uZulu wayebuswa iSilo u-Dinuzulu kaCetshwayo . ISilo u-Dinuzulu ize sagcina siboshwa siboshelwa yona lempi kodwa empeleni kwakungesona esaphaka impi . UZulu wazivukela nje umbhejazane wahlasela amaphumalimi ngoba edinwe ukuhlunyezwa ngamaNgisi ayelokhu eyihlumeze njalo ingabade .

Lempi eqinisweni yaphakwa inkosi u-Siganda kanye nenkosi u-Bhambatha . UZulu wonke wayesekhathele ngezenzo zamaNgisi ezazinonya futhi ziyicindezela kakhulu ingabade . Okwanyanyisa kakhulu uZulu kwaba isimemezelo sikaNgqongqoshe wezimali wamaNgisi u-Charles Smythe owamemezela ukuthi bonke bonke abantu abansundu bakhokhe intela kaPhondo umuntu emunye. Nokwakusho ukuthi zasezintathu intela ngoba amaZulu ayevele esekhokha intela yelawu ngalinye ,kanye neyenja ngayinye . U-Charles wayenengcindezi yokwenza imali ngokushesha ngoba ngowe 1905 kwaba nesichotho esasixakile ,sabulala izitshalo kwemuka namapulazi amaningi. Ngakho-ke u-Charles wanquma ukuba kwengezwe enye futhi intela intela phezu kwezimbili ezabe sezivele sezikhona . Ngesingaye wabona ingekho enye indlela yokukhanda imali esheshayo ngaphandle kokuqola uZulu . Kanti wayeseyithinte emisileni . Iningi lamakhosi laqoqana laphikelela eMahhashini eNgonyameni u-Dinuzulu ukuyokhononda ngalolu daba kodwa lathola ukuthi iSilo u-Dinuzulu sasesikhokhile ngosuku lwayizolo. Ingakho ekuqaleni ngithe iSilo u-Dinuzulu akusona esaphaka impi . Kwathi ngemuva komhlangano wamakhosi neZulu eliphezulu abantu baqala ukungalawuleki, bavuka umbhejazana ,bahlasela abamhlophe ikakhulukazi ababehamba ngabodwana noma ngababili . Epulazini laseMkhambathini(Camperdown iNgisi uHenry Smith wabulawa izisebenzi zakhe ngoba ezibuze ngemali yentela . Leso sigameko salandelwa ukubulawa kwamaphoyisa uInsperctor Sydney Huny negumgedlela u-George Armstrong . Kwathi ngemuva kwalokho kubulawa kwabo kwase kufika u-Kheneli Duncan Mackenzie ingisi elalinonya oluyisimanga lihola amabutho eyevile ku-1000 . UMakhenzi wahlasela imizi yabantu bakithi eyingqongqisa ,yena namabutho akhe bashabalalisa nezitshalo emasimini. Kwathi ngoNdasa 1906 lapho amaNgisi ehogela ukuthi inkosi u-Bhambatha yiyona eyayihola impi yaMakhanda abe esekhipha izwi elalithi yabe ingaseyona inkosi yabakwaZondi. Aqhubeka akhipha umklomelo woPhondo ababengama-500 kumuntu owayezowabambela u-Bhambatha,Sigananda ,uMehlokazulu Ngobese (owayelwe ngobuqhawe eSandlwana) ,uChakijana Sithole nengxenye yethimba labo . Impi yaMakhanda yaqina kakhulu ngenkathi kuqala ubusika ehlathini laseNkandla . Yadumelana mhla zingama 2 kuNhlaba ngowe 1906 emhosheni waseMome(iMome Gorge) emajukujukwini aseNkandla. AmaNgisi ayebophele amasotsha ayengama 2500 noNongqayi (Zulu native police) ababengama 400. Babegqize okwakubomvu ezindololwaneni nokwabe kuyindlela yokubahlukanisa kwabakwaZulu . Impi kaZulu eyabe iholwa u-Sigananda u-Bhambatha noMehlokazulu yayingama 1200 kuphela .Ize eyakithi yayincane ngesibalo kodwa yakwazi ukubulala amaNgisi kanye noNongqayi abaningi kakhulu . UChakijana kaGezindaka Sithole yena wathela othulini ngenhlamvu umhleli waseNkantolo u-H Stainbank nokwabangela ukuthi amaNgisi amenyanye kakhulu okaJobe . Yaqhubeka idumelene impela amaNgisi aqala-ke manje ukuba ngenhla kukaZulu ngamandla. USigananda wagcima eyalele amabutho kaZulu ukuba alwe ehlehlela ngasokhweni lwaseBophe(Bope Ridge) ngenhla kwempophoma yaseMome buqamama nje nedlinza likaJininindi. Phela u-Sigananda wayenezwi kunoBhambatha ngoba phela lensizwa endala yayibone lukhulu, yabonana neSilo u-Shaka uqobo .,phela yayingukaNina walo iLembe. Ngesikhathi sempi yaMakhanda u-Sigananda wayeselanda ikhulu leminyaka. UZulu wagcina uthe khumu wahlakazela okwesikhashana . UZulu wabuye waqoqana impi yaqhubeka njalo ehlathini . Yashisa kakhulu oThathe ,eGun Hill ,eStronghold eMnzimpambana kanti eyokugcina yayiseMome . EMome kulapho uZulu agoba khona uphondo mhla zingama 10 ku-Nhlangulana 1906 . Zaguqa izinsizwa esingabala kuzo oMbulawa Mthimkhulu,Mehlokazulu Ngobese, nabanye . USigananda ,uBhambatha , noChakijana bona abasalanga eMome ,babaleka bagcwala amathafa .uSigananda wagcina eboshiwe kodwa wavuka ephangalele ngobusuku obabandulela usuku ayezolengiswa ngalo. UBhambatha kuthiwa yena waphelela koMozambikwe. Kodwa amaNgisi athatha isidumbu somunye umuntu wakwaZulu abe esesinquma ikhanda ayobhiyoza athi ayebulale u-Bhambatha kanti lutho . Lelo khanda amaNgisi agcina eliphindisele ehlathini. UMntwana u-Ndlovu kaThimuni nomzala wakhe inkosi uMeseni kaGodolozi Qwabe baboshwa kodwa abangalengiswa,inkosi uMeseni yagcina idingiselwe eXopo . Inkosi u-Sibindi Ngubane yalwa ngasohlangothini lwaMangisi ,enye inkosi eyalwa ngasohlangothini lwamaNgisi inkosi u-Silwane kaGabangaye Mchunu .


ISilo u-Dinuzulu naso saboshwa siboshelwa khona ukuvukela umbuso wamaNgisi,kodwa kulokhu asiyinga eSt Helena kepha umlungu u-Botha wasithengela ipulazi eMidleburg eMpumalanga lapho sahlala khona neminye yemindlunkulu yaso . Igama lalelo pulazi i-Uityk. Sagcina sikhothamele khona eMpumalanga. IZulu eliphezulu lagcina likhothamele khona kulelo pulazi mhla zingama 18 kuMfumfu 1913.

Izibongo zenkosi u-Bhambatha kaMancinza.

UBhambatha imihlane yamagwala
Ulanga libomvu phuma sikothe
Kade sikothela kude emafini
Ubuhwanqa badabuka nenhliziyo
Obunye ubuhwanqa buduke nemizimba
Usephula mithi endlini kwabo kwaMaPhakade
Umdludl’odl’izinkomo zikaVoyizana eMgungundlovu
Umagaduzel’owabonel’empunzini
Usibhekuza siliqhina sibhekuzela uDlovunga eMgungundlovana
Umdabu zehla ngamasamaniso kuMkhalana eMgungundlovana
Ubheshu libomvu liyazenza izindaba
Kade liwenzela amabandla namabandlana
NoNyoniyezwe limenzele
NoGayedwa limenzele
NoDlovungama Mhlophe limenzele
Usifukufuku silukhakhayi lwengane yakwamf’ofelwayo
Eth’izalwa kwakubikwa kuthiwa
Ukhakhayi lushona phakathi
Bayifunela amaqanda ezintshe noNhlangumhloshana
Umakhathakhatha emgugudu
Umanzi amanyama elangeni
Phuma langa sikothe kade sikhothela kude
Usidlundlulu singankomo
Ithwele amanzi ekhanda 
#Ulibinda Nkosi

Izibongo zenkosi u-Sigananda kaZwekufa.

Umgwazi kadabuli
Umgoqo ovimbela amathole amhlophe
Obengadl’izinkobe ebhodweni
Obedlel’esoCweni
Undaba zafika kuqala kumfana kaSonzica(uSomtswewu ,Theo Shepstone)
Uziziba zibomvu
Ophakela izinhlanzi zingalambile
Umjiyozi wophind’izihlang’ezibili
Esinye sicitshwe uZibhebhu kwabakaMaphitha
Uhlekisa omhlekisayo
Usifutshana sengane yasebuphukuphukwini
Umatshuzatshuz’ozimamba
Uzilima zikaZwekufa abathi zisemuva kanti ziphambili
Usinga lwentulo umathunga isidwaba

#ulibinda Nkosi

Kulobe #INtungwa Lasenhla kwaSokhumalo

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo