Izithakazelo (ZaBaNguni baseMbo)

Izithakazelo zakwa-Mkhize!!

Gcwabe,
Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,
Gubhela,
Mumbo omnhlophe,
Wena waseMbo,
Wena okhanya amasi esiswini,
singela,
Nhlama eyaphelel’ etsheni,
Ngunezi,
Mumbo ombulazi,
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla esaphandl’abeNguni bavungama,
Nina bengwaz’ emabhudle,
Eth’ isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle,
Nin’ enalala nomunwe,
Navuka nakhwif’ilanga.
Nzalo kaSambela,
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
Nzalo kaLuzalo!
Zalankomo!

Izithakazelo zakwaMasuku:

Sothondose waseGudunkomo
Zwide kaLanga
Nkabahle
Sandla sivika umkhonto kuhle kwehawu
Nina enagunda inkomo nethole layo
Nina baseGudunkomo
Somaphunga
Mkhwatshwa

Inkosi ayiqedwa





Izibongo zenkosi uZwide

Zwide kaLanga
UNonkekhela abantu bahlatshwe
Kuhlatshwa iminyango enesisila
Yena bangamhlabi
Ezindleleni ufana nayiphi na?
Ufana nevundlayo
Emithini ufana namuphi na?
Ufana nomnyamathi
Ezinyokeni lapha ufana nayiphi na?
Ufana nenyandezulu
Isikhova sikaMkhonto noLanga
UMasheshe afike kuMashobana
Noyise uLanga angazange afike
Iqili abalihlabe lishona ilanga
Zinga.ahlatshwa izibhabhayiyana
Amakhubalo adliwa ngangubo yankomo
Adliwa ngengubo yengonyama
Izibuko eliamadwala abushelelezi
Lishelele uMalusi waseNgoleleni
Lashelela uDingiswayo wasoYengweni

Izithakazelo zakwaNdwandwe


Zwide kaLanga
Mkhatshwa
Okhaba ngezinde nangezimaqhukubezana
Nkabanhle
Wena waseGudunkomo
Nkomo kayihlatshwa
Uyothi uyayihlaba yophe amasi njengombelebele
Sandla sivika umkhonto njengehawu
Sandla simnene
Somaphunga
Nonkokhela abantu bayohlatshwa njengezinkomo


#ibinda

Kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo


Izithakazelo zakwaShabalala

Mshengu,
Mavuso,
Ngxabalala (Shabalala),
Chagwe
AbeNguni abamhlophe baka Noyaba
Sidwabasiluthuli.
Magudulela 



Izithakazelo zakwaHlongwane

Ngwane kaNgwadi
Masumpa
Masenga sileka
Nduku zonobulongwe
Nina bakaMatiwane
USozisela kaMasumpa noTshani
Nina bebutho likaSangweni
UZikhali azilingani nezamaxhegwana
Sangolibanzi elingawelwa abantukazana
Ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda


#kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Emails khumalobonga.m@gmail.com / bornkhumalo@yahoo.com

Phone 084 098 4016

067 144 0804




Izithakazelo ZakwaKheswa::

Kheswa!
Nozulu!
Mpangazitha!
Mchumane!
Mnguni,
Abanguni abangakanani,
Ngoba nasechopheni leqhiya (leduku) bayenela!
Izulu eladuma ekuseni,
Kwathi ntambama laphangalala!
Nina enehlis’uBuhhedlana,
Amangelengel’awel’iMpofana nawel’uThukela!
Nawela ngesilulu nibheke eBusuthu.
UMchachambi wezulu eliphezulu!
Amazalankosi,Omabelemade!
Mancumane nibahle njengokudla kwasehlobo!
Intombi engagananga kwaKheswa
Iyozala izinkwapha ngezinkwapha,
Egane kwaKheswa izale amacocobele!


Izithakazelo zakwaHadebe::

Zintathu izithakazelo zakwaHadebe ezitholakele lapha.

Hadebe
Mthimkhulu
Bhungane kaNsele
Nzimande
Wena kaLangalibalele KaNdlubu ezamila endaweni embiNgoba zamila emthondweni.
Amangelengele anzipho zinde Ngokuziqhwandela.
Makhulukhulu!
Hadeb’omuhle okhonz’agoduke
Angaze axakwe yithambo lasemzini.
Sigoloza esikhangel’ umuntuSengathi simjamele,
Umkhulu Bhungane
Kodwa awungangoNkulunkulu.

2

Mthimkhulu
Mashiy’amahle anjengawenyamazane
AbakwaThondo kwabakaSothondose.
AbakwaDlomo-dludlu wezindlu nezindlwana.
Abakwazitho zimhlophe, mashiy’amahle ,
Niye nabuthathaphi ubuhle obumhlophe obunje?
AbakwaMaxovaxova umthombo wenkosi.
AbakwaVangane, kazi sengoneni namhlanje?
UNduku – zimakhulukhulu ,
Sehla ngomnyama entabeni, kuyagonqoka.
Kumnyama phansi.
AbakwaNdlubu zamila emthondweni
KwaSothondose.
Amangelengele anzipho zinde ngokuqhwayana
Umkhulu BhunganeKodwa awungangoNkulunkulu.

3

MthimkhuluBhungane
Ndlubu zamil’ebubini
Ngoba zasaba’ukwehlela
Ingab’emhlabeni zesabani?
Mafuz’afulele njengefu lemvula
Lapho kungavalwa ngesivaloKuvalwa ngenhloko yendoda
Mashwabada!
Owashwabadel’inkomo
Kanye nezimpondo zayo.
Sigoloz’esimehl’abomvu
Esabuk’umuntu samjamela.
Mashiya amahle anjengawenyamazane,
Hlub’elihl’elinzipho zimnyama ngokuqhwayanaNgelengele!




Izithakazelo zakwaCebekhulu

Gobeni,
Nsele,
Mangethe Zikode kaPhikela,
Wena Wasetsheni,
UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane,
Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda, 
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele,
Bathi uZwane udleni kwaMtambo? 
Kuthiwa udle izinjana zimbili zigcwele umdakana,
Ntshosho!
Wena kaMafu kawalingani, 
Aphansi naphezulu,ngoba aphezulu angubo ngubo,
Ntsele kaLinda kaMkhonto,
Awungilinde ngilande ezami eZungeni, 
Mthanti,
Nduna ngokuthwal’ isila sensele,
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
Isikhova singathi,”hhi” sibona imihlambi yezinkomo nabantu,
Nin’enadlel’encazeni,
Nin’eniphakel’umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele,
Mabhayi kawalingani nawangaphansi nawangaphezulu,
Mangethe,
Nina bakaVezi Owadl’isihlahla njengengwababane,
Zwane,
Phikela wengwe,
Nselenduna nina basetsheni laseNtshenteka,
Mandaba,
Ukub’uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ubani? 
Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka,
Ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela Ntshosho, 
Nina BaseMangweni!






Izithakazelo zakwaDlamini




Sibalukhulu,
Mdlovu, Magaduzela,
Magaga kaNsele,
Wena owashisa umuntu ngesikhuni esibunjini kwaze kwasa eyobayoba,
Mgoqo ovimb’esangweni nansi impi,
Izwe lafa ngathini na?
Wena owabonela empunzini ukuthi kuyabalekwa ngoba yona yabaleka yaziphonsa ocingweni,
Ngonyama! 





Izithakazelo zakwaMhlongo 



Makhedama,
Soyengwase,
Nina bakaBhebhe kaMthendeka,
Nina bakaSoqubele onjengegundane,
Nina baseSiweni,
KwaMpuku yakwaMselemusi,
KwaNogwence webaya,
Dlomo weNdl’ende,
Sihlangu samavaka seswel’ababhemu,
Wen’owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb’ilanga,
Makhul’emini abafokazana bekhul’ebusuku,
Zingwazi zempi yakwaNdunu,
Njoman’eyaduk’iminyakanyaka,
Yatholakal’onyakeni wesine,
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa,
Langeni,
Owavel’elangeni!




Izithakazelo zakwaMkhatshwa



Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Nxumalo,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo
 





Izithakazelo zakwaMavuso





Mavuso!
Ludonga, Mshengu, Shabalala!
Ncele, Magudulela!
Vuso kaNgwane!
Ncele lekhohlo lase Mzimkhulu.
Wena owadela ukubusa wakhetha ukuba ngumfokazana, ematsaktolo kaladlungwane,
iVuso eladla umuntu asesiswini kwathi lo ongaphandle wasinda ngokuzibalekela, Mthimkhulu!
Guliwe KaNgwane!





Izithakazelo zakwaMlangeni




Magasela,
Sishiya, Madondo,
Mdephane, Dlamani,
Sacolo,
Sidwaba siluthuli, singabancwaba seza nomlandakazi,
Linda!



Izithakazelo zakwaMthimkhulu



Hadebe,
Bhungane,
Wena owamila edlukwini lapho okungamilwa khona,
Mashiya amahle,
Mashiya amahle njenge nyamazane,
Mashwabada,
Wena owashwabadela inkomo ne’mpondo,
Yathi mayifika emphinjweni yadlamalala,
Umkhulu Bhungane!




Izithakazelo zakwaMzizi/Jama



Dlamini,
Mzizi,
Jama Ka Sijadu
Nomane, Mtikitiki,
Cubungulashe,
Ndabazamthethwa, Nsukunsuku,
Ntabuyanyuka, Sandluluba,
Nkosi!






Izithakazelo zakwaMngoma:




Ceng’elihle elintamonde
Mabhala obhala ngozipho abanye bebhala
ngepensela,
Bozini,
Khongisa,
Dodoza, Makhiwane, Khala lembube elikhany’entabeni zokhahlamba,
Ntamonde ingaba mfisha yeza nonina,
Ukholokholo isibongo esingabongwa
ngabaLandakazane,
Amalala alala nomunwe emuva avuke ancinde
akhomb’izulu kwafiphal’ilanga, Babuz’abakhunkuli bathi ubhula ngani abanye
bebhula ngamathambo!









Izithakazelo zakwaNgwane



Sangweni,
Zikhali,
Masumpa,Ndungunde,
Masengasileke,
Hlongwane,
Ndukuzinobulongwe, Mntungwa,
Nina enibahle njengezihlabathi zolwandle,
Siyane,
Mnqobokazi,
Songobese!




Izithakazelo zakwaNkosi(Dlamini)



Ludonga lukaMavuso,
Abay’eMbo babuyelela.
Abasidwaba weza nonina.
Abengomane yaseMavaneni,
Abaqed’uBombo ngokuhlehlezela,
AbakwaSibhahuza
SikaMabhanda eMpondweni.
Inkonekaz’evele ngobusw’emgedeni.
USamkethe, esinembay’emaLangeni,
UMswazi kaSobhuza.
Mlangeni!
Nina bakwaKusa nelanga
Nina bakwaWawawa.
Lokothwayo!
Sibalukhulu!
Nina beNgwane,
Nina besicoco sangenhlana.
Kunene!




Izithakazelo zakwaNtsele




Ntsele kaLinda Mkhonto
OwalindeSizungwini
Mthwalo wensimbi
Bayisonge bayenzumqhele
Nsele yenduna
Nina bakwaSiziba silala ingonyama
Madelisidumb adlumlenze
Athi amagwala azambalekele
Nina bakaLutholwa
Zingakatholwa zonkeizizwe
Ninenabambingonyamaizwa
Naxoshiswa ngezinkomo
Zwane!
Mthanti!



Izithakazelo zakwaNxumalo


Mkhatshwa
Malusi 
Sothondose waseGudunkomo
ManukuzaZwide kaLanga,
Ndwandwe, Mkhatshwa,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle, 
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandl’ esimnene,
Somaphunga, 
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo





Izithakazelo zakwaShabalala




Mshengu
Donga kuka Mavuso
Sidwaba silu Thuli
Ngxabalala
Chagwe
Noyaba
Mabhedla
Thapo
Thingisi
Shevi
Bhuqa
Sayiwana
Bhokwe
Samanisi
Mehlwempi
Nkosikayikho
Phikindaba
Magudulela
Sagqubha
Ndleko
Moniwa



Izithakazelo zakwaDlungwane 



Mpithikeza,
Mathaba,
Ndlalakuhle, Nhlab’shile,
Luqa,
Zondi,Nondaba,
Gagashe!







Izithakazelo zakwaZikhali




Ngwane kaNgwadi
Matiwane kaMasumpa
Masenga silekaNduku zinobulongwe
Nina besizwe sikaMatiwane
USozisela kaMasumpa notshani
Nina bebutho likaSangweni
UZikhali ezingalingani nezamaxhegwana
Sangwelibanzi olungawelwa abantukazana ngoba luvalwe ngezihlangu zamadoda, Luwelwa izinkonjane ngoba zihambela phezulu!
Izithakazelo zakwaNgobe
Ngobe, 
Mlombo, 
Vilivili, 
Mbasela, 
Mthontela ngokuthontela izintaba zoBombo!
Wena waseNgwede neNgwavuma! Ziyane!!!


Izithakazelo zakwaNhleko


Mgilitsha!
Nyanganduna!
Masomane!
Ngubo yengwe neyengonyama
Mbambo zenyathi
Malinga!
Owalinga izinkomo zenkosi
Mancwanga!
Nyawo zimhlophe.


Izithakazelo zakwaGuliwe

Guliwe, 
Buhali,
Kuhlase
Madlazitha,
Mkhandathusi
Liwile, 
Mabulungwe amahle asentabeni. 
Ncampuza kaMense.



Izithakazelo zakwaMdima

Shange!
Dumakude
Mdima
Bhalaza
Maqonga
Nojobo
Phangandawo
Sbambo kuyephuka njengengonyama,
Dangaza mdunge njengesele,
Dangabane elehlula abahlakuli 
Mathanga abushelelezi angenangqwayimane, 
Bhodla bakhothe umlomo abafokazane ,
Yamela kaphangandawo,
 Mancishana kancane abanye bencishana kakhulu,
Izithakazelo zakwaMashinini
Cindi, 
Mahlaba, Guliwe, 
Bembe,
Ntozimandla ogawula amadoda ashiye abafazi,
Madindwa kaSigabela!
Izithakazelo zakwaHlatshwayo 

Mhayise wakoLanga,
Ngwanya, Siyendana,
Cebisa kaMabhengeda,
Ugid’gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda,
Mgogodlana,
Nina enanqoba ibuhto lakwaGob’izembe,
Ngele



Izithakazelo zakwaGamede

Magadlela, 
Mkholwa, 
Sebenzekhaya,
Mbebe!






Izithkazelo zakwaMadlala 

Sishi 

Zazela
Madlala onganethi onetha ngomkhemezel
Gwegwana
Mulenzubovu
Hlokohloko enyoni eyakha phezukomfula

Mahlasela ngendlovu abanye beza ngemkhonto
Mpumuza
Khabalidaka
Nodlomo


Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo