Incazelo ngesiko lokuKlekla

Incazelo ngeSiko lokuKlekla

Isiko lokuKlakla(ukuchambuza)
Uma sibuza kubantu abadala mayelana nokuqala kwaleli siko sithola izincazelo ezimbili. Eyokuqala incazelo ithi leli siko laqala ngesikhathi seNgonyama uShaka.Kuthiwa iLembe lathi lapho liyekisa abantu ukusoka lasungula isiko loklekla noma ukuchambuza. Isizathu sithi,kuyoba nesikhathi lapho izizwe ziyobe zehlukaniswa esinye kwezinye. INkosi uShaka wathi esakhe isizwe ufuna sehlukaniswe ngokuklekla izindlebe zombili. Enye incazelo ithi leli siko laqala kudala ngesikhathi abaNguni besazinze enhla nezwe. Isizathu sithi,umuntu ongakleklile usuke angezwa ezindlebeni, ngokuba isithulu noma abe lihlongandlebe abe liphuphu.Lokhu kuyobe kwenziwa igazi elingaphumanga.
Kwakuthi lapho abantwana sebeyizithohlon
gwana kwakugcinwa isiko lokuba baklakle noma bachambuzwe ( babhoboze) izindlebe. Ukuqhumbuza lokhu kwakwenziwa ezinganeni ezintangaye zaso sonke isigodi.Kwakuhlatshwa futhi nezinkomo. Ngesikhathi somkhosi umuntu onesici esithile, ongagezekile wayengavunyelwa ukuba abe khona angaze abhibhise izilonda. Ngakho-ke kwakuba nezinyanga ezima emasangweni ngenhloso yokuvimba bonke abanezici. Leli siko lokuchambuza lingumakhelwane naleli lokudebeza lenziwa abantu abathile. Leli lokuchambuza elesizwe sonke kanti leli lokudebeza lenziwa izibongo ezithile. Nalo lisemqoka abantu baleso sibongo bangeke balokotha baligweme ngoba umuntu wenza izinto ezixakile, omunye uyazishiya. Omunye azishiyele emacansini, akukhathali noma uganiwe umane angcolise umakoti. Abanye bachama baze babe badala behlule amahlamvu omtulwa noma sebegwinyiswa imfinyezi badlule bachame. Bona-ke laba baba nezinyanga zabo zomuzi. Kugaywa utshwala bese ligcinwa leli siko lokudebeza.
Mhla bukhanywayo utshwala kuhlatshwa ihubo kungenwe esibayeni kuyokwethulwa abantwana ezinyangeni. Bangena nokhamba lotshwala uma befika esibayeni bahlamba abantwana ngotshwala bese inyanga yokudebeza okuvama ukuba kube indodakazi endala esayagana umntwanomkhulu abagcabe abantwana eqalisa komdala baye ngokulandelana. Uma beqeda bagezwa ngotshwala futhi bese izilonda zigezwa ngebomvu. Awadetshezwa amavezandlela ngoba uma seligcatshiwe izinhlanga ziyadumba zibhibhe. Lingangenwa umkhuhlane ligcine ngokwedlula emhlabeni.
Ukulungela ukuklekla:
Kunesaga esithi ‘Uphelewe isineke okwamaNhlengwa eyochambuza’. Lesi saga sinika umqondo ukuthi umuntu oyochambuza uziphatha kanjani. Lommemo wokuchambuza umenywa ebusika ngemuva kokuvuna ummbila namabele. Lona umkhosi omkhulu omenywa njengelima, udinga ukulungiselelwa. Kugaywa utshwala kudliwe nanyama .Ngokuvama umkhosi wochambuza umkhosi owenzelwa izingane ezingontanga ngokuhlanganyela. IsiZulu sithi ‘Libunjwa liseva’. Sibuye sithi, ‘ Zibanjwa zisemaphuphu’. Sibuye sithi, ‘Umuthi ugotshwa usemanzi’.
Kuke kwenzeke kuchambuze izingane zomuzi womuntu uma kanti umnumzana ezele ithimba lezintombi kanye nabafana,abanewabo. Nakukho lokho kuchambuza kuhambisana nesiko lokuzila ilawu. Kubhekekile ukuba abantu babe msulwa, bangazingcolisi ngelawu. Kangangokuthi ngobusuku bokuseni okuchanjuzwa ngabo wonke umuntu okulo muzi kumele azile ilawu. Kanti nabasifazane abasenyangeni abavunyelwe ukuqhamuka nangokhalo ngoba nabo bangcolile, bangabhibhisa izindlebe zabantwana. Kubhekwa isikhathi esithile enyangeni. Kuqhunjuzwa lapho inyanga igcwele,okunguk
uthi nabo abachumbuzi banonwa njengabantu abaphelele .Eqinisweni bayahlonishwa.Yonke lemikhuba emihle kangaka yesizwe yenziwa abantwana besebancane ukufakazela isaga esithi ‘Zibanjwa zisemaphuphu’!
Isiko lokuklekla elakwaZulu, kodwa lalenziwa futhi nakwezinye izizwe, njengakwaSoshangane nakwaMzilikazi. Lokhu kwakudalwa ukuthi abasunguli balezi zizwe nabo kwabona babekade beluqhamukise kwaZulu.
Ake ngime lapho nina bakaMdayi sabela kweliphesheya!

# INtungwa lasenhla kwaSokhumalo


Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo