Umlando ngoNdlela kaSompisi Ntuli

UNdlela kaSompisi iqhawe lakwaNtuli

UNdlela kaSompisi

Uma kulandiswa ngomlando wakwaZulu alilibaleki igama likaNdlela kaSompisi Ntuli. Le nsizwa yakwaNtuli yabe iyiqhawe elikhulu leziNgonyama oShaka noDingane . Yayibuthelwe ebuthweni iNtontela nokuyibitho elalimbandakanya uMntwana u-Senzangakhona ,u-Hlathi kaNtopho Ntshangase nabanye . Lokhu kuchaza ukuthi uNdlela wayethande ukuba phambili ngeminyaka eSilweni uShaka,nakumnawaso uDingane. Okunye okudingeka sikuphawule ngoNdlela wukuthi udadewabo ogama lakhe linguBhibhi indodakazi kaSompisi wagana iNkosi uSenzangakhona . Indlovukazi uBhibhi yazala uMntwana uSigujana okwakufanele athathe ubukhosi bakwaZulu ekukhothameni kukaYise uSenzangakhona . Kodwa wabulawa nguMntwana uShaka ,ngesandla sikaNgwadi. Indlovukazi uBhibhi yabuye yazala umntwana wentombazane ogama lakhe linguNomqotho owendela kuMyandeya wesizwe saBathethwa,waba ngunina kaSokwetshatha kaMyandeya. Abanye abantwana beNdlovukazi uBhibhi ngoNdlebezomlilo noSomcuba . Uyise kaNdlela kwahamba kwahamba wagcina esedume ngelika Nkobe ngenxa yekhono lakhe lokupheka izinkobe . Lelo gama wayeliqanjwe iNkosi uSenzangakhona , phela nguyena owabe ephekela (chef) iNkosi uSenzangakhona. UNdlela wazilwa zonke izimpi zeLembe futhi ezilwa ngokwethembeka okukhulu.  Empini yaseMhlathuze ngenkathi uZulu elwa naMaNdwandwe eNkosi uZwide , uNdlela wagwazwa amanxeba amaningi , agcwala umzimba, egwazwa yibutho lenkosi uZwide laMaphela. Wayelimele kakhulu impela kangangokuthi ozakwabo baze bamshiya enkundleni, bayobikela iLembe ukuthi uNdlela wayesale enkundleni, ebulewe yibutho lakwaNdwandwe laMaphela. ILembe (iSilo uShaka) lakhipha umyalelo owawuthi makulandwe uNdlela , ayothwalwa alethwe kwaBulawayo azotshalwa kahle. Ngempela walandwa kwatholakala ukuthi wayengaphangalele, wayesaphila. Izinyanga zakwaBulwayo zabe sezimgeza amanxeba ngezintelezi , zawathunga, zawabopha . Zabe sezimncindisa imithi yazo . Awu! Waphila qingqo umfoka Nkobe. Waqhubeka nobuqhawe bakhe.

Kwathi ngesikhathi seSilo uDingane uNdlela wakhushulelwa ekubeni nguNdunankulu wezwe lonke (Prime Minister) . Ngaso futhi leso sikhathi seSilo uDingane uNdlela wahola noma ngithi wadidiyela impi kaZulu eyalwa namabhunu kaNgalonkulu (Andries Pretorious) eNcome ngoZibandlela 1838 . Waqhubeka wadidiyela nempi yeSilo uDingane eyanqotshwa ngeyoMntwana uMpande eMaqonqo ngoMasingana 1840. Kwathi ngemuva kaleyo mpi yaseMaqonqo iSilo uDingne sabe sesmbulala uNdlela kaSompisi,imbangela kwaba wukuthi samsola ngokona impi yaso ngamabomu ngenkathi eyiphaka. Sakhipha umyalelo owawuthi akabulawe,aklinye ngomchilo aze afe. Ngempela waklinywa umfoka Nkobe ,wafa. IZilo zaziwababulali abantu noma amaqhawe azo ngezandla zazo. Zazijuba abantu ababezokwenza lowo msebenzi. Okunye esingakuphawula ngoNdlela kaNkobe wukuthi nguyena owaqamba igama lesihlahla somdlovu . UMdlovu isihlahla esikhulu , esinombala oluthuli njengowendlovu . Sitholakala koVenda ,kwaSoshangana nakoZimbabwe. Kuthiwa ngenkathi impi yeLembe iphikelele kwaSoshangana ukuyohlasela uSoshangana azithela phezu kwezihlahla zomdlovu . Athuka kakhulu ebona lolu hlobo lwezihlahla olufana nezindlovu,futhi eqala nokulubona. Ngesizathu sobukhulu balezo zihlahla ,nanombala ofana nowendlovu ,uNdlela wabe eseziqamba igama elithi izihlahla zomdlovu. UMdlovu ukhiqiza izithelo ezinkulu ezidlula inqindi noma isandla somuntu esifunjethwe. Kulezo zithelo kudliwa okungaphakathi njengamahlali ,umahluko wukuthi okomdlovu kudliwa sekomile, kudliwa iphuphu engaphakathi, ngezinye izinkathi iyaye ixutshwe nobisi . Uma ixutshwe nobisi ivele yehle esiphundu kube sengathi umuntu udla Danone.


Inkosana kaNdlela kwanguGodide owafela esigodlweni seSilo uCetshwayo sasoNdini ngenkathi uMntwana uZibhebhu Zulu esicoboshisa, ethunywe ngamaNgisi ngo Ntulikazi 1879

Izibongo zikaNdlela kaSompisi

UGwabini ngemikhonto
Unojiyelwa kulalwa,uhlangothi lobomvu
UManxeba angamanxuluma
Insingizi edonda ukusuka

Umagaju ongangengwe
Uhlanga olweqa luphindelela
Kwasa bemhlaba uGwabini,waphika (waqaba ukufa)
Unababuyeli abangakanani
Ababuyela umuntu enza ngamabomu na?

USonyakanyaka !
UMnyakanya wadabuka naMaphela
Usilinda maNdwanndwe
AmaNdwandwe akhawula amathe

Umwelela kweliphesheya
Umweli,iwele yonke iNtontela
Umzaca osikhombisa amaNgwane
Usiquza abantu sakoGwabini
Kuse kwasala uNdlela
Unakanaka mina ngiyasala

Umandlana angangawomntwana
Ugodo olumuka namaNkayiya
AmaNkayiya kaZwide
Uzinsonge zingaphesheya koThukela

Umahlatshwa ebuhleni njengethole
Usihlahla vimbela iNtontela
Undaba zafika nangi kuDlungwane woMbelebele
Unolusingana olungakanani?
Olungathunga uNdlela amanxeba na?

#kulobe iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo