INkosi u-Dingiswayo kaJobe yaBaThethwa
Uma kulandiswa ngomlando wesizwe sakwaZulu awalibaleki nangephutha amagama amakhosi oDingiswayo noZwide kaLanga inkosi yabakwaNdwandwe. Inkosi u-Dingiswayo igama layo lokuzalwa kuthiwa nguGodongwana , elikaDingiswayo yalithola ngesigameko sokudingiswa . Inkosi uDingiswayo yiyona nkosi eyaqala umkhankaso wokuhlanganisa izwe ukuba zibe imbumba,lowo mkhankaso waqedelwa iSilo uShaka ngemuva kokuba inkosi uDingiswayo isibulawe inkosi uZwide kaLanga. UGodongwana wayezalwa inkosi uJobe kaKhayi kunkosikazi endala uMabhunda kaNzimase kaDonda kaShiya Mbokazi . UGodongwana wayengowasendlunkulu,kodwa engeyona inkosana. Inkosana yenkosi uJobe kwakunguThana, owafa ebulawa ibutho lenkosi uJobe ngrmuva kokuba inkosi uJobe isole amadodana ayo ukuba ayehlela ukuyiketula esihlalweni sobukhosi , ayigoduse. Kuthiwa inkosi uJobe yakhula yaze yaba ngumdodovu wexhegu kodwa lutho ukushenxa esihlalweni sobukhosi ,noma ukukhomba indodana eyayizobusa uma yona isikhotheme . Amadodana enkosi uJobe aqala ukukhononda mayelana nokubusa kukayise isikhathi eside ,nanokungakhombi kwakhe indodana ezothatha ubukhosi uma isikhotheme . Kwathi langa limbe ahlangana amadodana enkosi uJobe ,abhunga lolu daba lokubusa kukayise isikhathi eside . Kuthiwa owayehamba phambili ekukhulumeni nguGodongwana ,kodwa nabanye babemeseka . Umhlangano wawo awubambela emzini wasoYengweni nokwane kungumuzi wenkosi uJobe lapho kwakuhlala khona cishe wonke amadodana ayo. Kulowo mhlangano amadodana enkosi uJobe ezwiwa induna yenkosi uJobe uNodunga kaMakhanya Mthethwa ekhuluma ngenkosi uJobe. UNodunga wabe esedlulisa yonke ingxoxo yamadodana enkosi uJobe kuyo inkosi uJobe . Kuthiwa yathukuthela yathelwa ngamanzi uma izwa ngaleyo ngxoxo . Yathumela amabutho ayo ukuba ayohlasela umuzi wasoYengweni ,abulale zonke izinsizwa, ikakhulukazi uGodongwana owayengungqeqe phambili enkulumeni. Ngempela wakakwa umuzi wasoYengweni lapho izinsizwa zazihlala khona . Zafikelwa ebusuku zilele, zagwazwa ngemikhonto , ezinye zazo zaphulukundlela zabaleka. Kodwa inkosana uThana yabulawa,kwathu umnawayo uGodongwana wabaleka nomkhonto emhlane ,owayecitshwe ngawo ngamabutho ngenkathi ethi weqa uthango . Amabutho enkosi uJobe abuyela enkosini ayobika ukuthi ahlulekile ukumbulala uGodongwana . Ahambe inqina kamabuyaze .
UGodongwana yena wabaleka wayozithukusa ehlathini laseMawunzi, walala khona . Ekuseni watholwa izinsizwa ezazimfuna. Zamdoncula umkhonto , zambopha inxeba. Okwaba isimanga wukuthi esikhundleni sokuba zimbulale kodwa zamzwela,zamnikela kudadewabo owaba ngumhlengi wakhe. Zabuyela enkosi uJobe zayobika ukuthi zehlulekile futhi ukumthola uGodongwana. UGodongwana weagcina edlulele enkosini yamaHlubi inkosi uBhungane nokuyiyona eyamqinisa ngezintelezi zayo,yamfundisa nokuphatha isizwe . Kwathi ngenkathi uGodongwana ezwa ukuthi uyise wayesekhotheme ,sekubusa umnawakhe uMawewe ,waba nesifiso sokuphindela ekhaya. Ngempela waphindela. Kuthiwa waqhamuka kwelakwaMthethwa esehamba ngenjomane, ephethe nenduku yamagwala,kokubili ayekwephuce iPutukezi endleleni eya kwaMthethwa . Lethuka lonke elakwaMthethwa ngenkathi libona uGodongwana okwakwaziwa ukuthi kade ashona, eseqhamuka esegibele isilwane esasingejwayelekile kwaZulu. Kusukela lapho lashintshwa igama lakhe,wangabe esaba nguGodongwana ,kodwa waseba nguDingiswayo . Ngaleso sikhathi isizwe sasibuswa ngumnawakhe uMawewe owathi nxa ezwa ngokufika kukaDingiswayo wabaleka wayobhaca kudadewabo owayegane uMalusi Nxumalo . Kwaba wukulibusa kwakhe uDingiswayo elakwaMthethwa . Wabutha amabutho esingabala kuwo iNhlangano induna kunguNgomane kaMqombili Mdletshe, iNingizimu induna kunguMayanda kaVeyana Mkhwanazi, iSifazane induna kunguNohaya kaNgapha Mwandla namanye . Ebuthweni leNhlangano uNgomane wabuye wabutha elinye iViyo elabizwa ngokuthi yiZichwe induna yalo kunguThayiza Mthethwa.
Inkosi uDingiswayo yakhothama ngokubulawa inkosi uZwide kaLanga yabakwaNdwandwe ngosizo lukaNina wayo uNtombazi wayethakatha. Nayo ikhanda kayo laphanyekwa elawini likaNtombazi kwaDlovunga ,kwahlotshiswa ngalo.
Izibongo zeNkosi uDingiswayo
UMaf’avuke njengedangabane
USombangeya kaNdaba
Bamhlaba ngenjongolo uSobangwa
Bambangela amanxeba okuluphala
UMadlekezele woYengo
USongobese wamakhanda
Inkomo yanganene
Izothengana nayiphi enenekazi?
Izothengana noMbangambi woVuma eMashobeni
Umsindo olapha ngowani?
Bahlaba iNdlovu yakoDelwase
UBexaba nduna yakoXaba
UGodongwana woYengo
USombangeya kasoze atshelwa zindaba
Uyatshelwa izindaba ugijimela ehawini
Impunzi evuke nomkhonto eMawunzi
Ugodo alushi ngokubaselwa
UNyawothi omnyama
UNofukuthwayo
Ungqwashi obomvu wawo Hamuyana
Omabala azinze sengathi abekiwe
Izulu lakoPhiko libaneka kanjani?
Lenzani elikaSombangeya kaPhiko?
LikaSombangeya kaJobe?
UQayambeya!
Ingqamb’eyahlul’amakhosi amanye
EbinjengoSongodo esahlula uMalusi
Usahlula amakhosi asohlangeni
Uye wavunula kwaMahlaba
Ezinkumbuni zamanzi
Uzinto zakhe zamuka namanzi
Izulu lidume futhi Gwabi kaNdaba
Indlukula zaBaNtungwa zimukile
Lidume eNhlangwini kuBathembu
ABathembu bakhweza baya ngoJama kaMnisi
Ngithe isadla ezinye
Ngabuye ngadla ezinye
Inkomo zabantu zinenkelenkele
Zikhungele ingobe emashobeni
Ilanga limdondoza
Elaphuma amakhwezi abikelana
NakwaNtombazi nakwaLanga
Siyabonga kakhulu ngomlando.kaDingswayo