Umlando ngezibongo (ucwaningo olisaqhubeka)

Umlando  ngezibongo(ucwaningo olisaqhubeka):

AbakwaMasikane


Basikwa inkosi uMakhedama wakwaDlomo oTiba
AbakwaMasikane kusengabantu bakwaDlomo emMakhabeleni basikwa uNdabambi kaMdimane ngenxa yesenzo sendodakazi uNodada Dlomo owaphinga nomfowabo.
Kwaphuma isinqumo emndenini wakwaDlomo ukuthi abadingiswe banikwe indawo yabo khona emakhabeleni, base bezimela bezibiza ngabakwaMasikane.
Kusuka lapho abaphindange bazihlanganisa nendlunkulu (AbakwaDlomo) kuze kube manje ezikabi bikho izingxoxo zokuthelelana amanzi. Abakwenza ukunyundela amakhabela ephephandabeni bakha ubumbano.
Kumanje iningi lapho ngokuhlukana kwezindlu lizinze endaweni yaseMgungundlomvane, eShane ngaphansi kwenkosi yakwaSthole.
Kuloba uMthokozisi Dlomo
Izithakazelo zakwaMasikane
Tiba,
Nyabuse,
Mphokwe,
Mleke,
Sicubu somlenze asiphekwa siyosiwa,
Singaphekwa koqhuma izimbiza!
AbakwaNtuli 
Abantu bakwaNtuli babuye babizwe ngokuthi bangaMabhele kususelwa kukhokho wabo uMbhele owabe engenye yamadodana enkosi uDlamini wesibili.  Laba bantu bakwaNtuli endulo sibathola bezinze endaweni yaseLenge eMnambithi . Ngenkathi bezinze kuleya ndawo kwahlasela isimiso kwabhoka indlala ,kwafa imfuyo yabo . Lokhu kwaholela ekutheni laba abantu baqale ukudla abanye abantu  . Ngamanye amazwi baphenduka amaZimuzimu. Kwahamba kwahamba bagcina bedlana bodwa laba bantu baseMabheleni kangangokuthi  enye yengxenye yabo yagcina ithutha eMnambithi yayokhonza kwaZulu ngapgansi kwenkosi uSenzangakhona   . Kuthiwa le ngxenye yaMabhele yabonakala ngezintuli ngenkathi ifika kwaZulu  , kuyileso sizathu-ke bagcina bezitholela isibongo sakwaNtuli. Kuleyo ngxenye kwakukhona uSompisi kaGuqa owazala uNdlela owaba uNdunankulu kaZulu  ngesikhathi seSilo uDingane.  Kanti naye uyise uSompisi wazakhela ugazi enkosi uSenzangakhona ngenxa yekhono lakhe lokupheka izinkobe. Kuthiwa wayezipheka impela kangangokuthi inkosi uSenzangakhona yagcina isiqoke yena ukuthi kube nguyena uyiphekela izinkobe. Ngolimi lwanamuhla singasho sithi uSompisi wayewuChef wenkosi uSenzangakhona.Negama lakhe lagcina selishintshiwe kwathiwa unguNkobe ngenxa yekhono lakhe.  Enye yamadodakazi kaSompisi yagana inkosi uSenzangakhona kwazalwa uMntwna uSigujana
Izithakazelo zakwaNtuli
Godide,
Mphemba,
Ndlela kaSompisi,
Sothole,
Gudukazi uyiNcwayo,
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand’amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli,
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
Mazimuzimu enidla’abantu,
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
Umagaju njengengwe,
Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
Umanxeba angamanxuluma,
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
Lang’elaphum’endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe,
Lophum’ endlebeni yengwenya,
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu,
Ugodo olumuka namankayiya,
Langa!

AbakwaMkhize 
Isibongo sakwaMkhize saqambeka ngokuthi laba bantu bakwaMkhize babefuye kakhulu izinkomo zabo zibulala inyoka. Ngakho-ke babethanda ukuthi izinkomo zabo ziklabe ezindaweni ezinemikhizo lapho utshani buluhlaza cwe khona . Ngaleso sizathu-ke laba bantu bazitholela isibongo esisha sakwaMkhize. Babuye babizwe ngokuthi bangabaseMbo ngesizathu sokuthi baqhamuka kuMumbo . Maningi amaqhawe kwaMkhize kodwa elagqama ukuwedlula wonke inkosi uZihlandlo kaGcwabe eyahiphila ngesikhathi seSilo uShaka . Umuzi wayo kwakuseSimahleni .
AbakwaMahaye 
Abantu bakwaMahaye bangabakwaZulu . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye nguye uMahaye uqobo lwakhe. UMahaye wayeyindodana kaZulu. Igama lakhe lokuzalwa kwakunguLanga kaZulu. Nguyena owayeyinkosana kaZulu futhi nguyena okwakufanele athathe ubukhosi ngemuva kukayise kepha ngesizathu sokuthi wayeyisiphiwo (enebala elimhlophe) akusenzekanga lokho. Ubukhosi bagcina buthathwe ngumnawakhe uPhunga owangazange athole inzalo , kwagcina kubuse uPhunga. UMahaye kuthiwa igama elithi Mahaye walithola ngokuthi kukhona lapho ake azama ukungena umka mfowabo uMpangazitha kaNtombela . Kuthiwa uMama kaMpangazitha wayehambisani nakho lokho,kuthiwa wayevele waphume aye egcekeni lomuzi kaLanga wayohaya amazwi ayebhinqa uLanga . Wagcina ebizwe ngoMahaye uLanga ,lachuma kakhulu  elikaMahaye kunelikaLanga

Uyaqhubeka

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo