Umlando ngamakhosi akwaButhelezi
Abantu bakwaButhelezi bangabaNguni bohlobo lwamaNtungwa Nguni . Laba bantu baduma ngokwazi ukunonophalisa ulimi lwesiZulu nangamagama okuhlonipha . Njengabo bonke abaNguni nawo aMaShenge aqhamuka enhla nezwe lapho sekuseSudani khona ,ehla njalo aze ayozinza kwaZulu endaweni yaseMcakweni naseMpembeni. Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo yiyona inkosi uShenge eyaazala inkosi uMageba kodwa hhayi owakwaZulu. Inkosi uShenge cishe yayizalwa inkosi uButhelezi okwaqanjwa ngayo isibongo. Inkosi uMageba yazala uQwangubana kanye noNyathi . UNyathi wayezalwa eKhohlo ,inkosi uQwangubana yona yayizalwa eNdlunkulu. Inkosi uQwangubana yazala inkosi uPhungashe ,uMevana kanye noCole.
INkosi u-Phungashe
INkosi uPhungashe kaQwangubana yabusa ngesikhathi samakhosi afana nawawo Dingiswayo Mthethwa , Zwide Ndwandwe, Macingwane Mchunu , namanye . Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uSenzangakho kaJama Zulu kwaZulu kwabusa inkosi uShaka kaSenzangakhona . Wonke lamakhosi ayelwela ukuba yiNgonyama , iNkosiyaMakhosi .Inkosi uShaka eyagcina idle umhlanganiso kwadaleka isizwe sakwaZulu,kanye nezwe lakwaZulu.
Inkosi uPhungashe kuthiwa yayizenzela enkosini uSenzangakhona yakwaZulu. Ngaleso sikhathi uMntwana uShaka wayengakabusi, wayekwaMthethwa nokuyilapho akhulela khona efundiswa ezempi ngaphansi kwehlo lenkosi uDingiswayo ,nayo eyagcina ikhotheme ngesandla senkosi uZwide Ndwandwe. Ingakathomi inkosi uDingiswayo yaphaka impi eyaphikelela eMashengeni ukuyohlasela inkosi uPhungashe kaQwangubana . UMntwana uShaka wayevive kweyakwaMthethwa eswbuthweni elalibizwa ngokuthi ibutho leZichwe. Yafika yazidlela amahlanga eyakwaMthethwa engafuni kuzwa lutho uMntwana uShaka. Kukuleyompi lapho uMntwana uShaka abulala umfowabo uBhakuza kaSenzangakhona owayazalwa ngudadewabo wenkosi uPhungashe. UBhakuza yena wayegqishe kweyakwaButhelezi . UBhakuza nguyena okwakulindeleke noma ngithi kwakumele athathe ubukhosi ngemuva kukaYise uSenzangakhona . Kwathi ngesikhathi senkosi uShaka kwaZulu iLembe laphinde layophaka futhi yaphikelela eMaShengeni yafika yadla umhlanganiso eyeSilo uShaka. Inkosi yabaleka yabheka esizweni saMaNdwandwe yayokhosela enkosini uZwide. Ngeshwa-ke yafika yabulawa yinkosi uZwide ,yashumpulwa ikhanda kwahlotshiswa ngalo ilawu likaNtombazi unina wenkosi uZwide owayedume ngezintelezi zobuthakathi . Ukwehlulwa kwenkosi uPhungashe kwaphoqa isizwe sakwaButhelezi ukuba sibe ngaphansi kuMbuso kaZulu ngaphansi kweNgonyama uShaka. INgonyama uShaka yabe isinikeza uNgqengelele kaMvulana ubukhosi baMashenge ,waba inkosi yawo . UNgqengelele wayezalwa eKhohlo,ezalwa uMvulana ka Mlambo kaNyathi kaMageba .UNyathi wayengumnawakhe wenkosi uQwangubana ,bezalwa inkosi uMageba kaShenge .
Inkosi uNgqengelele kaMvulana
UMvulana wazala amadodana amaningi kodwa kwagqama kakhulu uKhoboyela owabe eyindlalifa ,kanye noNgqengelele owabe ezalwa eKhohlo. Kwathi lapho iSilo sakwaDukuza sesiyehlulile inkosi uPhungashe kaQwangubana sabe sesibeka uNgqengelele kaMvulana owayezalwa eKhohlo ukuba abe inkosi yamaShenge. Inkosi uNgqengelele yayibuye ibe uNdunankulu wakwaZulu ngesikhathi soMbuso weLembe. Kodwa kulhona abanye oSolwazi abathi uNdunankulu wakwaZulu ngesikhathi seLembe kwakunguNgomane kaMqomboli Mdletshe. Empeleni kwakunguyena uNgomane ,uNgomane wayenguMeluleki omkhulu weLembe . Inkosk uNgqengelele yazala inkosi uMnyamana ,eyabusa ngesikhathi seSilo sasoNdini. Inkosi uMnyamana yazala inkosi uTshanibezwe eyazala inkosi uMathole ,inkosi uMathole yona yazala inkosi uMangosuthu ebusa manje .
Inkosi uNgqengelele yayihashwa ngokuthi ingu”Mqengqe wakithi kwaNomahhina ,ongekufa ngamadliso uyokufana ngamaloyiso ‘ .
Inkosi uNgqengelele yayiwazi amakhambi okwelapha ingakho ibongwa kanjena. Umqengqe uhlobo lwesitsha sokhuni olwalusetshenziswa kakhulu ekudleleni izingane. Inkosi uNggqengele yiyona eyafika nomuthi wokulapha izikelemu . Lalingaziwa ikhambi lezikelenu kwaZulu. UKhoboyela yena wazala indlalifa uKlwana owayengeye yezinduna ezinkulu zeLembe . UKlwama walwa cishe zonke izimpi zeLembe nesingabala kuzo eyakwaGqokli,eyaseMhlathuze nezinye. Wayekhona naseMaqonqo lapho kwakulwa khona uZulu ngaphansi kweSilo uDingana kanye noMntwana uMpande. UKlwana yena wayegqishe noMntwana uMpande . Umuzi kaKhoboyela kwakuseMpongompongweni .
Inkosi uNgqengelele yaba nohlonze kakhulu eNgonyameni uShaka kangangokuthi iNgonyama uShaka yaze yamsikela izwe eMahlabathini elalihamba njalo lize liyokwedlula eMkhondo(Piet Retief likapakele lapho sekuyisifundazwe saseMpumalanga khona . Kuleya ndawo inkosi uNgqengelele yabe iyihlo leNgonyama uShaka elalibheke izitha ikakhulukazi ezabamhlophe . Inkosi uNgqengelele kaMvulana yazala indlalifa yayo inkosi uMnyamana kaNgqengelele . Umuzi wenkosi uNgqengelele kwakukwaNomahhina

Izibongo zeNkosi uNgqengelele kaMvulana
UMlambo kaNyathi !
UNqwababa zinenyembezi
UMkhono ovikel’isibili
UShishiliza kwelimahole
UNqwababa zinenyembezi
UMkhono ovikel’isibili
UShishiliza kwelimahole
UMlambo ogcwala usenyuka
Eminye imilambo igcwala yewukela
UMlambo ozanezigodo
Eminye imilambo igcwala yewukela
UMlambo ozanezigodo
UMqengqe wakithi kwaNomahhina
Ongekufa ngamadliso
Uyokufa ngamaloyiso
Ongekufa ngamadliso
Uyokufa ngamaloyiso
Inyoni kaMakhala!
Eyakhalela uZulu
Nyaka uZulu engelima kithi kwaBualwayo
Eyakulima ngensimbi yamadoda
Eyakhalela uZulu
Nyaka uZulu engelima kithi kwaBualwayo
Eyakulima ngensimbi yamadoda
USondli sembuca
Inx’ibimbese
Ingani uyena angazi bembeselayo
Inx’ibimbese
Ingani uyena angazi bembeselayo
UMathang’avika imikhonto
INgcayi ematayi
Eyagcayel’uZulu
Yagcayel’uMbelebele
Yagcayel’uBulawayo
Yagcayel’abaQulusi
Yagcayel’iMpangiso
Yagcayel’uGuqu
Yagcayel’uZwela
INgcayi ematayi
Eyagcayel’uZulu
Yagcayel’uMbelebele
Yagcayel’uBulawayo
Yagcayel’abaQulusi
Yagcayel’iMpangiso
Yagcayel’uGuqu
Yagcayel’uZwela
UMvuthuz’ashiye
UNto zimnengani?
UMgubhi wawoLanga
UZinsinde wamanye
UNto zimnengani?
UMgubhi wawoLanga
UZinsinde wamanye
Yaqhubeka