Umlando ngeMbongi uMagolwana Jiyane

Umlando ngeMbongi uMagolwana Jiyane 
UMagolwana kaMkhathini Jiyane wayeyimbongi enkulu yakwaZulu . Waphila kusukela ngesikhathi seNgonyama uShaka kaSenzangakhona kaJama kwaze kwaba isikhathi seNgonyama uMpande kaSenzangakhona . Abantu bakwaJiyane babekade beyingxenye yabantu baseMantshalini . Bakhishwa eMantshilini ngemuva kokuba enye yezingane zabo ikhulelise intombi yaseMantshilini. Leyo ngane yagcina isithole igama elisha kwathiwa inguJiyane ngoba ijiyise ikhaya . Laba bantu bakwaMtshali bakanye nabakwaMashazi , Bukhosini,Ndebele nabanye . UJiyane esekhishiwe ekhaya wazala uMkhathini owazala uMagolwana owazakhela igama ngokubongela amakhosi akwaZulu kusukela eNgonyameni uShaka . NaBantwana oCetshwayo  oMbuyazi , nabanye babethiwa nguMagolwana izibongo zabo . Imbongi enkulu yeSilo uCetshwayo kwagcina kunguMahlangeni kaGawozi Khumalo owasala empini yaseMsebe . 
UMagolwana wayengeyena inkosana kaMkhathini futhi wayengeyena owaseNdlunkulu. Inkosana kaMkhathini kwakunguZikode .Elinye igama likaMagolwana kwakunguMkhabisanyathi nokuyigama eligqama kakhulu ezithakazelweni zakwaJiyane namuhla . Zaziningi izimbongi kwaZulu   .UMagolwana yena waqala ukuduma ngesikhathi seSilo saseMgungundlovu nokuyilapho aqala ukubizwa khona ngonina weZimbongi ngenxa yekhono lakhe lokwetha amakhosi izibongo, nokubongela amakhosi .  Ngesikhathi seLembe imbongi eyayidume kakhulu kwakunguMshongweni  nokunguyena owapheka uMxhamama Sibisi owabe eyimbongi yeLembe . UMxamama wafa ebulawa iSilo saseMgungundlovu iSilo uDingane. Kusuke kushiwo yena  ezibonngweni zeSilo saseMgungundlovu uma kuthiwa ” Wamudla uMxamama kaSoshaya eZibisini” . Akulona iqiniso ukuthi uMxhamama wabongela iLembe waze washayeka phansi wafa ngemuva kokukhothama kwalo . Ezinye izimbongi kwakungo Tholudaba Ndlovu imbongi kaMjokwana , uMaqayingana kaTholodaba Ndlovu, uManxele Buthelezi (imbongi yeSilo uJininindi) ,uMahlangeni Khumalo (imbongi kaJininindi) , uMnyamana kaNgqengelele , uNdevana Khanyile, uKlwana kaKhoboyela Buthelezi , Hhemulana Sibiya , Sobhedase Qwabe,nabanye abaningi . Imbongi enkulu yeSilo uDinuzulu kaCetshwayo kwakunguSehla kaNdengezi kaManzini Zungu . EyeSilo uMaphumzana (iSilo uSolomon) yona kwakungu Hhoye kaSoxalase kaNdlela kaBayeni .  UMagolwana wagcina eseyicebi esikhulu izinkomo  zakhe zibulala inyoka . Wayezithola ngakho ukubongela amakhosi , emxoshisa ngezinkomo. ISilo uMpande samkhonze kakhulu uMagolwana kangakuthi wagcina esehlala kwaNodwengu .Amakhosikazi akhe ayemvakashela khona kwaNodwengu  . Eyevakasha ngendlela ehleleke kakhulu futhi ayefika emaningi eyiqembu kwazise phela uMagolwana wayeganwe ngamakhosikazi amaningi kakhulu. AbakwaJiyane babakhe eNtabankulu 
UMagolwana wazala izinsizwa ezazingale kwekhulu  . Ezinye zazo zabuthelwa ebuthweni laBantwana uThulwana elalibuye laziwe ngokuthi ngaMabhoza. Ezinye zazisebuthweni leNdlondlo , ezinye zisoDlokweni , ezinye zisebuthweni uVe, ezjnye zisebuthweni iNgobamakhosi nokuyibutho elahlabana kakhulu eSandlwana mhla uZulu ehlula amaNgisi . Ezinye zezingane zikaMagolwana zazisebuthweni uKhandampemvu , ezinye zikuMthuyisazwe ,naku Nomzimana , Nokhenke njalo njalo . 
UMagolwana wagcina ebulawe iSilo uMpande ngoba wayebulale insizwa yakwaDlamini uMayeza Dlamini . UMayeza wayesolwe ngokuthakatha abulale uMlobokazi kaMagolwana ayemthanda kakhulu . 
Kuze kube namuhla uMagolwana ukhunjulwa ngekhono lakhe lobumbongi , waziwa ngoNina wezimbongi 
# Kulobe uKholo Khumalo 
084 098 4016

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo